NgokukaMathewu 26:6-13

NgokukaMathewu 26:6-13 ZUL20

Kuthe uJesu eseBhethaniya, endlini kaSimoni owayenochoko, kwafika kuye owesifazane ephethe umfuma esitsheni se-alabhaste, owawungowenani elikhulu; wawuthela ekhanda likaJesu owayehleli esidlweni. Kepha abafundi bakhe bekubona lokho, bathukuthela, bathi: “Kumoselwani lokhu na? Ngokuba ngabe kuthengisiwe ngenani eliphezulu, kwaphiwa abampofu.” Kepha uJesu ekwazi ababekusho, wathi kubo: “Nimhluphelani lo wesifazane na? Ngokuba wenze umsebenzi omuhle kimi. Ngokuba abampofu ninabo njalo, kodwa Mina aniyukuhlala ninami njalo. Ngokuba lo wesifazane, ngokuthela lawa mafutha emzimbeni wami, ukwenzele ukungilungisela ukumbelwa. Ngiqinisile ngithi kini: noma kuphi lapho leli vangeli liyakushunyayelwa khona, emhlabeni wonke, kuyakukhulunywa nangalokhu akwenzile lo wesifazane, kube yisikhumbuzo ngaye.”