NgokukaMathewu 26:6-13

NgokukaMathewu 26:6-13 ZUL59

Kuthe uJesu eseBethaniya endlini kaSimoni owayenochoko, kwafika kuye owesifazane ephethe umfuma we-alabaste* wamafutha anenani elikhulu, wawathela ekhanda lakhe ehlezi ekudleni. Kepha abafundi bakhe bebona lokho bathukuthela, bathi: “Kwenzelwani lokho kuchitha na? Ngokuba lokho nga kuthengisiwe ngokukhulu, kwaphiwa abampofu.” Kepha uJesu ekwazi lokho wathi kubo: “Nimhluphelani owesifazane na? Ngokuba usebenzile umsebenzi omuhle kimi; ngokuba abampofu ninabo njalo, kepha mina aninami njalo. Ngokuba lapho ethela lawo mafutha emzimbeni wami, ukwenzele ukungilungisela ukumbelwa. Ngiqinisile ngithi kini: Nomaphi lapho liyakushunyayelwa khona leli vangeli ezweni lonke, kuyakukhulunywa nangalokho akwenzileyo, kube yisikhumbuzo ngaye.”

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo