Mathewu 25:31-46

Mathewu 25:31-46 CZB24

Nxa iNdodana yomuntu iza ngenkazimulo yayo nezingelosi zonke ezingcwele kanye nayo, khona izakuhlala esihlalweni sayo sobukhosi. Kuyakubuthelwa phambi kwayo izizwe zonke, ibahlukanise abanye kwabanye, njengomalusi ehlukanisa izimvu nezimbuzi; Iyakumisa izimvu ngakwesokunene sayo, kodwa izimbuzi ngakwesokhohlo. Khona iNkosi izakuthi kwabangakwesokunene sayo: Wozani lina elibusiswe nguBaba, lidle ilifa lombuso eliwulungiselweyo selokhu kwasekelwa umhlaba. Ngokuba ngangilambile, nanginika ukudla; ngangomile, nangiphuzisa; Nginqunu, nangembathisa; ngangigula, nangihambela; ngangiboshiwe, neza kimi. Khona bayakuyiphendula abalungileyo, bathi: ‘Nkosi, sakubona nini ulambile, sakupha ukudla na? noma womile, sakuphuzisa na? Sakubona nini ungumfokazi, sakungenisa endlini, na? noma uhamba ze, sakwembathisa na? Sakubona nini ugula, noma usetilongweni, seza kuwe na? Inkosi iyakuphendula, ithi kubo: Ngiqinisile ngithi kini: Njengoba nikwenzile komunye walaba bafowethu abancane, nikwenzile nakimi. Khona iyakuthi nakwabangakwesokhohlo: Sukani kimi nina baqalekisiweyo, niye emlilweni ophakade olungiselwe uSathane nezingelosi zakhe; Ngokuba ngangilambile, kepha aninginikanga ukudla; ngangingumfokazi, aningingenisanga; nginqunu, aningigqokisanga; ngigula, ngisetilongweni, aningihambelanga. Khona bayakumphendula nabo, bathi: ‘Nkosi, sakubona nini ulambile, noma womile, noma ungowezizwe, noma uhamba-ze, noma ugula, noma usetilongweni, singakukhonzanga? Khona izabaphendula, ithi: Ngiqinisile ngithi kini: Njengoba lingakwenzanga komunye walaba abancinyane, kalikwenzanga kimi. Laba bayakumuka ekujezisweni okuphakade, kepha abalungileyo baye ekuphileni okuphakade.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Mathewu 25:31-46

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo