NgokukaMathewu 25:31-46

NgokukaMathewu 25:31-46 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Nxa iNdodana yomuntu iza ngenkazimulo yayo nezingelosi zonke ezingcwele kanye nayo, khona izakuhlala esihlalweni sayo sobukhosi. Kuyakubuthelwa phambi kwayo izizwe zonke, ibahlukanise abanye kwabanye, njengomalusi ehlukanisa izimvu nezimbuzi; Iyakumisa izimvu ngakwesokunene sayo, kodwa izimbuzi ngakwesokhohlo. Khona iNkosi izakuthi kwabangakwesokunene sayo: Wozani lina elibusiswe nguBaba, lidle ilifa lombuso eliwulungiselweyo selokhu kwasekelwa umhlaba. Ngokuba ngangilambile, nanginika ukudla; ngangomile, nangiphuzisa; Nginqunu, nangembathisa; ngangigula, nangihambela; ngangiboshiwe, neza kimi. Khona bayakuyiphendula abalungileyo, bathi: ‘Nkosi, sakubona nini ulambile, sakupha ukudla na? noma womile, sakuphuzisa na? Sakubona nini ungumfokazi, sakungenisa endlini, na? noma uhamba ze, sakwembathisa na? Sakubona nini ugula, noma usetilongweni, seza kuwe na? Inkosi iyakuphendula, ithi kubo: Ngiqinisile ngithi kini: Njengoba nikwenzile komunye walaba bafowethu abancane, nikwenzile nakimi. Khona iyakuthi nakwabangakwesokhohlo: Sukani kimi nina baqalekisiweyo, niye emlilweni ophakade olungiselwe uSathane nezingelosi zakhe; Ngokuba ngangilambile, kepha aninginikanga ukudla; ngangingumfokazi, aningingenisanga; nginqunu, aningigqokisanga; ngigula, ngisetilongweni, aningihambelanga. Khona bayakumphendula nabo, bathi: ‘Nkosi, sakubona nini ulambile, noma womile, noma ungowezizwe, noma uhamba-ze, noma ugula, noma usetilongweni, singakukhonzanga? Khona izabaphendula, ithi: Ngiqinisile ngithi kini: Njengoba lingakwenzanga komunye walaba abancinyane, kalikwenzanga kimi. Laba bayakumuka ekujezisweni okuphakade, kepha abalungileyo baye ekuphileni okuphakade.

NgokukaMathewu 25:31-46 IsiZulu 2020 (ZUL20)

“Kuyakuthi lapho iNdodana yomuntu iza ngenkazimulo yayo nezingelosi zonke ezingcwele zikanye nayo, iyakuhlala esihlalweni sayo senkazimulo. Zonke izizwe ziyakubuthelwa phambi kwayo; ihlukanise abanye kwabanye, njengomelusi ehlukanisa izimvu nezimbuzi. Iyakumisa izimvu ngakwesokunene sayo, kodwa izimbuzi izimise ngakwesokhohlo sayo. “INkosi iyakuthi kwabangakwesokunene sayo: ‘Zanini nina enibusiswe nguBaba, nidle ifa lombuso eniwulungiselweyo, selokhu kwasekelwa umhlaba. Ngokuba ngangilambile, nangipha ukudla; ngangomile, nangiphuzisa; ngangingumfokazi, nangingenisa; ngihamba ze, nangembathisa; ngangigula, nangihambela; ngangisejele, nangivakashela.’ “Khona abalungileyo bayakuyiphendula, bathi: ‘Nkosi, sakubona nini ulambile, sakupha ukudla; noma womile, sakuphuzisa na? Sakubona nini ungumfokazi, sakungenisa ezindlini zethu; noma uhamba ze, sakwembathisa na? Sakubona nini ugula, noma usejele, sakuvakashela na?’ “INkosi iyakuphendula, ithi kubo: ‘Ngiqinisile ngithi kini, njengokuba nakwenza lokho kulaba bafowethu abancane, nakwenza kimi uqobo.’ “Kepha iNkosi iyakuthi kwabangakwesokhohlo sayo: ‘Dedani kimi, nina baqalekisiweyo, niye emlilweni ophakade olungiselwe uSathane nezingelosi zakhe. Ngokuba ngangilambile, aningiphanga ukudla; ngangomile, aningiphuzisanga; ngangingumfokazi, anangingenisa ezindlini zenu; ngihamba ze, aningembathisanga; ngigula, ngisetilongweni, aningivakashelanga.’ “Bayakuphendula-ke nabo, bathi: ‘Nkosi, sakubona nini ulambile, noma womile, noma ungumfokazi, noma uhamba ze, noma ugula, noma usejele, sangakusiza na?’ “INkosi iyakubaphendula, ithi: ‘Ngiqinisile ngithi kini: lokhu eningakwenzanga komunye walabo abancinyane, anikwenzanga kimi uqobo.’ “Labo-ke bayakuhamba, baye ekujezisweni okuphakade; kodwa abalungileyo, bayakuya ekuphileni okuphakade.”

NgokukaMathewu 25:31-46 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

“Kepha nxa iNdodana yomuntu iza ngenkazimulo yayo nezingelosi zonke ezingcwele kanye nayo, khona izakuhlala esihlalweni sayo senkazimulo; kuzakubuthelwa phambi kwayo izizwe zonke, ibahlukanise abanye kwabanye, njengomalusi ahlukanisa izimvu nezimbuzi, imise izimvu ngakwesokunene sayo kepha izimbuzi ngakwesokhohlo. “Khona iNkosi izakuthi kwabangakwesokunene sayo: ‘Zanini nina enibusisiwe nguBaba, nidle ifa lombuso eniwulungiselweyo selokhu kwasekelwa umhlaba. Ngokuba ngangilambile, nangipha ukudla; ngangomile, nangiphuzisa; ngangingumfokazi, nangingenisa; ngihamba ze nangembathisa; ngangigula, nangihamba; ngangisetilongweni, neza kimi.’ “Khona bayakuyiphendula abalungileyo ngokuthi: ‘Nkosi, sakubona nini ulambile sakupha ukudla, noma womile sakuphuzisa, na? Sakubona nini ungumfokazi sakungenisa, noma uhamba ze sakwembathisa, na? Sakubona nini ugula, noma usetilongweni, seza kuwe, na?’ “Isiyakuphendula iNkosi, ithi kubo: ‘Ngiqinisile ngithi kini, njengokuba nikwenzile komunye walaba bafowethu abancane, nikwenzile kimi.’ “Khona iyakuthi kwabangakwesokhohlo: ‘Dedani kimi nina baqalekisiweyo, niye emlilweni ophakade olungiselwe uSathane nezingelosi zakhe. Ngokuba ngangilambile, aningiphanga ukudla; ngangomile, aningiphuzisanga; ngangingumfokazi, aningingenisanga; ngihamba ze aningembathisanga; ngigula, ngisetilongweni, aningihambanga.’ “Khona bayakuphendula nabo, bathi: ‘Nkosi, sakubona nini ulambile, noma womile, noma ungumfokazi, noma uhamba ze, noma ugula, noma usetilongweni, singakukhonzanga, na?’ “Khona iyakubaphendula ithi: ‘Ngiqinisile ngithi kini: Lokho eningakwenzanga komunye walaba abancinyane anikwenzanga nakimi.’ “Laba bayakumuka, baye ekujezisweni okuphakade, kodwa abalungileyo baye ekuphileni okuphakade.”

NgokukaMathewu 25:31-46 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Nxa iNdodana yomuntu iza ngenkazimulo yayo nezingelosi zonke ezingcwele kanye nayo, khona izakuhlala esihlalweni sayo sobukhosi. Kuyakubuthelwa phambi kwayo izizwe zonke, ibahlukanise abanye kwabanye, njengomalusi ehlukanisa izimvu nezimbuzi; Iyakumisa izimvu ngakwesokunene sayo, kodwa izimbuzi ngakwesokhohlo. Khona iNkosi izakuthi kwabangakwesokunene sayo: Wozani lina elibusiswe nguBaba, lidle ilifa lombuso eliwulungiselweyo selokhu kwasekelwa umhlaba. Ngokuba ngangilambile, nanginika ukudla; ngangomile, nangiphuzisa; Nginqunu, nangembathisa; ngangigula, nangihambela; ngangiboshiwe, neza kimi. Khona bayakuyiphendula abalungileyo, bathi: ‘Nkosi, sakubona nini ulambile, sakupha ukudla na? noma womile, sakuphuzisa na? Sakubona nini ungumfokazi, sakungenisa endlini, na? noma uhamba ze, sakwembathisa na? Sakubona nini ugula, noma usetilongweni, seza kuwe na? Inkosi iyakuphendula, ithi kubo: Ngiqinisile ngithi kini: Njengoba nikwenzile komunye walaba bafowethu abancane, nikwenzile nakimi. Khona iyakuthi nakwabangakwesokhohlo: Sukani kimi nina baqalekisiweyo, niye emlilweni ophakade olungiselwe uSathane nezingelosi zakhe; Ngokuba ngangilambile, kepha aninginikanga ukudla; ngangingumfokazi, aningingenisanga; nginqunu, aningigqokisanga; ngigula, ngisetilongweni, aningihambelanga. Khona bayakumphendula nabo, bathi: ‘Nkosi, sakubona nini ulambile, noma womile, noma ungowezizwe, noma uhamba-ze, noma ugula, noma usetilongweni, singakukhonzanga? Khona izabaphendula, ithi: Ngiqinisile ngithi kini: Njengoba lingakwenzanga komunye walaba abancinyane, kalikwenzanga kimi. Laba bayakumuka ekujezisweni okuphakade, kepha abalungileyo baye ekuphileni okuphakade.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo