Khona umbuso wezulu uyakufaniswa nezintombi eziyishumi ezathatha izibani zazo, zaphuma ukuyohlangabeza umyeni. Ezinhlanu kuzo zazihlakaniphile, ezinhlanu ziyiziwula. Eziyiziwula zathatha izibani zazo, azaphatha amafutha kanye lazo. Kodwa ezihlakaniphileyo zaphatha amafutha ezitsheni kanye nezibani zazo. Kwathi umyeni esalibele, zozela zonke zalala. Kepha phakathi kobusuku kwamenyezwa ukuthi: ‘Nangu umyeni; phumani niyomhlangabeza. Khona zavuka lezo zintombi zonke, zalungisa izibani zazo. Eziyiziwula zasezisithi kwezihlakaniphileyo: Sipheni emafutheni enu; ngoba izibane zethu zicima. Kodwa ezihlakaniphileyo zaphendula zathi: Hatshi; hlezi angasaneli thina lani; kodwa hambani kakhulu kwabathengisayo, lizithengele. Zisaya kothenga, wafika umyeni; lezo ezazilungile zangena laye emshadweni, umnyango wavalwa. Ngasemuva zafika nezinye izintombi, zathi: Nkosi, Nkosi, sivulele. Kodwa waphendula wathi: Ngiqinisile ngithi kini: Anginazi. Ngakho lindani, ngokuba anazi usuku nehora iNdodana yomuntu eza ngayo.
Funda Mathewu 25
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Mathewu 25:1-13
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo