NgokukaMathewu 25:1-13

NgokukaMathewu 25:1-13 ZUL20

“Khona umbuso wezulu uzakufaniswa nezintombi ezilishumi ezathatha izibani zazo, zaphuma zayohlangabeza umyeni. Kepha eziyisihlanu kuzo zaziyiziwula, neziyisihlanu zihlakaniphile. Ngokuba eziyiziwula zathatha izibani, kodwa aziwaphathanga amafutha. Kepha ezihlakaniphileyo zawaphatha amafutha ngezitsha nezibani zazo. Kuthe umyeni esalibele, zonke izintombi zozela, zalala. “Kwathi phakathi kwamabili, kwamenyezwa kwathiwa: ‘nangu umyeni eza; phumani nimhlangabeze!’ “Zavuka zonke lezo zintombi, zalungisa izibani zazo. Kepha eziyiziwula zathi kwezihlakaniphileyo: ‘Sipheni amafutha kwawenu, ngokuba izibani zethu ziyacima.’ “Kepha ezihlakaniphileyo zaphendula, zathi: ‘Qha, funa angasaneli amafutha thina, nani. Okungcono hambani niye kwabathengisayo, nizithengele awenu.’ “Zisahambile ukuyokuthenga, wafika umyeni. Lezo ezazilungele, zangena naye edilini lomshado; kwase kuvalwa umnyango. “Kamuva, zafika nezinye izintombi, zathi: ‘Nkosi, nkosi, sivulele.’ “Kepha umyeni waphendula, wathi: ‘Ngiqinisile ngithi kini, anginazi.’ “Ngakho-ke hlalani nilindile, ngokuba anilwazi usuku nehora.”

Video for NgokukaMathewu 25:1-13

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaMathewu 25:1-13