Mathewu 24:15-50

Mathewu 24:15-50 CZB24

Ngakho nxa libona amanyala encithakalo, akhulunywa nguDaniyeli umprofethi, emi endaweni engcwele, (ofundayo kaqedisise;) Khona abaseJudiya mababalekele ezintabeni; Ophezu kwendlu kangehli ukukhupha ulutho endlini yakhe; Nosensimini makangabuyeli emuva ukuyothatha izingubo zakhe. Maye kwabakhulelweyo nakwabancelisayo ngalezo zinsuku! Kodwa khulekani ukuthi ukubaleka kwenu kungabi sebusika, loba ngesabatha; Ngokuba ngaleso sikhathi kuyakuba-khona usizi olukhulu, olungazange lube-khona kwasekuqaleni kwezwe kuze kube manje, nolungasayikuba khona. Uma lezo zinsuku zingafinyezwanga, bekungayikusindiswa nyama, kepha ngenxa yabakhethiweyo lezo zinsuku ziyakufinyezwa. Khona uma umuntu ethi kini: Bhekani, nangu uKristu, noma: Nanguya; ningakholwa. Ngokuba kuyakuvela oKristu bamanga, nabaprofethi bamanga, baveze izibonakaliso ezinkulu nezimangaliso; ukuze, uma kungenzeka, badukise nabakhethiweyo. Bhekani, nginitshelile ngaphambili. Ngakho-ke uma bethi kini: Bhekani, usehlane; ningaphumi; bheka, usendlini ecashile; ningakholwa. Ngokuba njengonyazi luphuma empumalanga, lukhanye kuze kube sentshonalanga; kuyakuba njalo nokufika kweNdodana yomuntu. Ngokuba lapho kukhona isidumbu, kulapho amanqe eyakubuthana khona. Njalo masinyane emva kosizi lwalezonsuku ilanga lizafiphazwa, lenyanga kayiyikukhanya, lezinkanyezi zizakuwa ezulwini, lamandla amazulu azazanyazanyiswa. Khona kuyakubonakala ezulwini isibonakaliso seNdodana yomuntu, khona-ke izizwe zonke zomhlaba ziyakuzila, futhi zibone iNdodana yomuntu iza ngamafu ezulu inamandla nenkazimulo enkulu. Iyakuthuma izingelosi zayo ngokukhala okukhulu kwecilongo, ziqoqe abakhethiweyo bayo emimoyeni yomine, kusukela emkhawulweni omunye wezulu kuze kube komunye. Fundani umfanekiso emkhiwaneni; nxa igatsha lawo selithambile, lihluma amaqabunga, niyazi ukuthi ihlobo seliseduze; Kanjalo nani, nxa nibona zonke lezi zinto, yazini ukuthi iseduze ngasemnyango. Ngiqinisile ngithi kini: Lesi sizukulwane asiyikudlula, kungakenzeki konke lokhu. Kuyakudlula izulu nomhlaba, kepha amazwi ami awasoze adlula. Kepha lolo suku nalelo hora akakho owazi lutho ngalo, nazingelosi zezulu, naBaba kuphela. Kepha njengokuba zazinjalo izinsuku zikaNowa, kuyakuba njalo nokufika kweNdodana yomuntu. Ngokuba njengasezinsukwini zangaphambi kukazamcolo babedla, bephuza, beshada, bendiswa, kwaze kwafika usuku uNowa angena ngalo emkhunjini, futhi kabanakanga kwaze kwafika uzamcolo, wabakhukhula bonke; kuyakuba njalo nokufika kweNdodana yomuntu. Khona ababili bayakuba sensimini; omunye athathwe, omunye ashiywe. Abesifazane ababili bayakube besila etsheni; omunye athathwe, omunye ashiywe. Ngakho lindani, ngokuba anazi ukuthi iNkosi yenu iyakufika ngasiphi isikhathi. Kodwa yazini lokhu, ukuthi uba umninindlu ebesazi ukuthi isela lizafika ngawuphi umlindo, ubezalinda, njalo ubengayikuvuma ukuthi indlu yakhe igqekezwe. Ngakho-ke nani hlalani nilungile, ngokuba iNdodana yomuntu iza ngehora eningalicabangi. Pho, ngubani oyinceku ethembekileyo nehlakaniphileyo, inkosi yayo eyimisile phezu kwabendlu yayo ukuba ibanike ukudla ngesikhathi esifaneleyo na? Ibusisiwe leyo nceku okuyakuthi inkosi yayo nxa ifika iyifumane yenze njalo. Ngiqinisile ngithi kini: Iyakuyibeka phezu kwakho konke enakho. Kodwa uba leyonceku embi ithi enhliziyweni yayo: Inkosi yami ilibele ukufika; uyakuqala ukushaya izinceku kanye naye, nokudla nokuphuza nezidakwa; Inkosi yaleyonceku izafika ngosuku engayibheki ngayo, langehola engasiloyo.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Mathewu 24:15-50