NgokukaMathewu 24:15-50

NgokukaMathewu 24:15-50 IsiZulu 2020 (ZUL20)

“Ngakho-ke uma nibona amanyala anyantisayo, akhuluma ngawo uDaniyeli umphrofethi emi endaweni engcwele – ofundayo makaqaphele ukuthi kusho ukuthini. AbaseJudiya mababalekele ezintabeni; ophezu kophahla lwendlu, makangehli ukuyothatha okusendlini yakhe; osensimini, makangabuyeli emuva ukuyothatha ingubo yakhe. Maye, kwabakhulelweyo nabancelisayo ngalezo zinsuku! Khulekelani ukuba ukubaleka kwenu kungabi sebusika noma ngesabatha. Ngokuba kuyakuba khona usizi olukhulu olungakaze lube khona kwasekuqaleni kwezwe, kuze kube manje, futhi olungasoze lwaba khona. Ukuba lezo zinsuku bezingafinyezwanga, bekungesindiswe muntu, kodwa ngenxa yabakhethiweyo ziyakufinyezwa.” “Uma umuntu ethi kini: ‘Bhekani, nangu uKhristu,’ noma ethi: ‘Nanguya,’ ningakholwa. Ngokuba kuyakuvela okhristu mbumbulu nabaphrofethi bamanga. Bayakuveza izibonakaliso ezinkulu nezimangaliso, ukuze badukise, uma kungenzeka, abakhethiweyo. Niyabona-ke, nginitshele kungakenzeki lokho. “Ngakho-ke uma bethi kini: ‘Nango usehlane,’ ningayi lapho; noma bethi: ‘Nangu, usendlini,’ ningabakholwa. Njengonyazi luphuma empumalanga, lubonakale ngisho entshonalanga, kuyakuba njalo-ke ukufika kweNdodana yomuntu. “Noma kuphi lapho kunesidumbu khona, kulapho amanqe ebuthana khona. “Masinyane nje emva kosizi lwalezo zinsuku, “ ‘ilanga liyakufiphazwa, inyanga ayiyukukhanya, izinkanyezi ziyakuwa emkhathini, namandla ezulu ayakuzanyazanyiswa.’ “Khona kuyakubonakala isibonakaliso seNdodana yomuntu ezulwini, bese zikhala zonke izizwe zomhlaba. Zonke ziyakuyibona iNdodana yomuntu iza emafini ezulu, inamandla nenkazimulo enkulu. Iyakuthuma izingelosi zayo ngokukhala kwecilongo okukhulu, ziqoqe abakhethiweyo bayo emagumbini omane omhlaba, kusukela emkhawulweni wezulu kuze kube komunye. “Fundani emzekelisweni womkhiwane; uma igatsha lawo selithamba, kuhlume amacembe, nisuke senazi-ke ukuthi seliyathwasa ihlobo. Kanjalo nani, lapho nibona kwenzeka konke lokhu, yazini ukuthi iNkosi iseduze ngasemnyango. Ngiqinisile ngithi kini: lesi sizukulwane asiyukwedlula kungakenzeki konke lokhu. Izulu nomhlaba kuyakudlula, kodwa amazwi ami awasoze adlula. “Kepha mayelana nalolo lusuku nalelo hora, akekho owazi utho ngalo, ngisho izingelosi zasezulweni, neNdodana uqobo; nguBaba kuphela. Ngokuba njengasemihleni kaNowa, kuyakuba njalo ukufika kweNdodana yomuntu. Njengasezinsukwini lezo ezandulela uzamcolo babedla, bephuza, beganwa, bendiswa; kwaze kwafika usuku uNowa angena ngalo emkhunjini. Abazanga; kwaze kwafika uzamcolo wabakhukhula bonke; kuyakuba njalo nokufika kweNdodana yomuntu. Kuyakuba khona ababili ensimini; omunye athathwe, omunye ashiywe. Ababili bayakube begaya etsheni lokusila; omunye uyakuthathwa, omunye ashiywe. “Ngakho-ke lindani, ngokuba anazi ukuthi iNkosi yenu iyakufika ngaluphi usuku. Kepha yazini lokhu ukuthi, ukuba umninindlu ubazi ukuthi isela liyakugasela nini ebusuku, ubeyakulinda, angavumi ukuba indlu yakhe igqekezwe. Ngakho-ke nani hlalani nimi ngomumo, ngokuba iNdodana yomuntu iyakufika ningazelele. “Pho ngubani oyinceku ethembekileyo nehlakaniphileyo, inkosi yayo eyibeke ukuba yengamele abendlu yayo, ibanike ukudla ngesikhathi esifaneleyo na? Ibusisiwe leyo nceku okuyakuthi lapho inkosi yayo ifika, iyifumane isebenza. Ngiqinisile ngithi kini, iyakuyibeka yengamele konke enakho. Kepha uma leyo nceku embi ithi enhliziyweni yayo: ‘Inkosi yami isalibele,’ bese iqala ukushaya izinceku ezikanye nayo, idle, iphuze nezidakwa, inkosi yaleyo nceku iyakufika ngosuku engalulindele nangehora engalaziyo

NgokukaMathewu 24:15-50 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Ngakho nxa libona amanyala encithakalo, akhulunywa nguDaniyeli umprofethi, emi endaweni engcwele, (ofundayo kaqedisise;) Khona abaseJudiya mababalekele ezintabeni; Ophezu kwendlu kangehli ukukhupha ulutho endlini yakhe; Nosensimini makangabuyeli emuva ukuyothatha izingubo zakhe. Maye kwabakhulelweyo nakwabancelisayo ngalezo zinsuku! Kodwa khulekani ukuthi ukubaleka kwenu kungabi sebusika, loba ngesabatha; Ngokuba ngaleso sikhathi kuyakuba-khona usizi olukhulu, olungazange lube-khona kwasekuqaleni kwezwe kuze kube manje, nolungasayikuba khona. Uma lezo zinsuku zingafinyezwanga, bekungayikusindiswa nyama, kepha ngenxa yabakhethiweyo lezo zinsuku ziyakufinyezwa. Khona uma umuntu ethi kini: Bhekani, nangu uKristu, noma: Nanguya; ningakholwa. Ngokuba kuyakuvela oKristu bamanga, nabaprofethi bamanga, baveze izibonakaliso ezinkulu nezimangaliso; ukuze, uma kungenzeka, badukise nabakhethiweyo. Bhekani, nginitshelile ngaphambili. Ngakho-ke uma bethi kini: Bhekani, usehlane; ningaphumi; bheka, usendlini ecashile; ningakholwa. Ngokuba njengonyazi luphuma empumalanga, lukhanye kuze kube sentshonalanga; kuyakuba njalo nokufika kweNdodana yomuntu. Ngokuba lapho kukhona isidumbu, kulapho amanqe eyakubuthana khona. Njalo masinyane emva kosizi lwalezonsuku ilanga lizafiphazwa, lenyanga kayiyikukhanya, lezinkanyezi zizakuwa ezulwini, lamandla amazulu azazanyazanyiswa. Khona kuyakubonakala ezulwini isibonakaliso seNdodana yomuntu, khona-ke izizwe zonke zomhlaba ziyakuzila, futhi zibone iNdodana yomuntu iza ngamafu ezulu inamandla nenkazimulo enkulu. Iyakuthuma izingelosi zayo ngokukhala okukhulu kwecilongo, ziqoqe abakhethiweyo bayo emimoyeni yomine, kusukela emkhawulweni omunye wezulu kuze kube komunye. Fundani umfanekiso emkhiwaneni; nxa igatsha lawo selithambile, lihluma amaqabunga, niyazi ukuthi ihlobo seliseduze; Kanjalo nani, nxa nibona zonke lezi zinto, yazini ukuthi iseduze ngasemnyango. Ngiqinisile ngithi kini: Lesi sizukulwane asiyikudlula, kungakenzeki konke lokhu. Kuyakudlula izulu nomhlaba, kepha amazwi ami awasoze adlula. Kepha lolo suku nalelo hora akakho owazi lutho ngalo, nazingelosi zezulu, naBaba kuphela. Kepha njengokuba zazinjalo izinsuku zikaNowa, kuyakuba njalo nokufika kweNdodana yomuntu. Ngokuba njengasezinsukwini zangaphambi kukazamcolo babedla, bephuza, beshada, bendiswa, kwaze kwafika usuku uNowa angena ngalo emkhunjini, futhi kabanakanga kwaze kwafika uzamcolo, wabakhukhula bonke; kuyakuba njalo nokufika kweNdodana yomuntu. Khona ababili bayakuba sensimini; omunye athathwe, omunye ashiywe. Abesifazane ababili bayakube besila etsheni; omunye athathwe, omunye ashiywe. Ngakho lindani, ngokuba anazi ukuthi iNkosi yenu iyakufika ngasiphi isikhathi. Kodwa yazini lokhu, ukuthi uba umninindlu ebesazi ukuthi isela lizafika ngawuphi umlindo, ubezalinda, njalo ubengayikuvuma ukuthi indlu yakhe igqekezwe. Ngakho-ke nani hlalani nilungile, ngokuba iNdodana yomuntu iza ngehora eningalicabangi. Pho, ngubani oyinceku ethembekileyo nehlakaniphileyo, inkosi yayo eyimisile phezu kwabendlu yayo ukuba ibanike ukudla ngesikhathi esifaneleyo na? Ibusisiwe leyo nceku okuyakuthi inkosi yayo nxa ifika iyifumane yenze njalo. Ngiqinisile ngithi kini: Iyakuyibeka phezu kwakho konke enakho. Kodwa uba leyonceku embi ithi enhliziyweni yayo: Inkosi yami ilibele ukufika; uyakuqala ukushaya izinceku kanye naye, nokudla nokuphuza nezidakwa; Inkosi yaleyonceku izafika ngosuku engayibheki ngayo, langehola engasiloyo.

NgokukaMathewu 24:15-50 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

NgokukaMathewu 24:15-50 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

“Ngakho-ke nxa nibona amanyala encithakalo ashiwo nguDaniyeli umprofethi emi endaweni engcwele – ofundayo makaqaphele – khona abaseJudiya mababalekele ezintabeni, ophezu kwendlu angehli ukuyothatha okusendlini yakhe, osensimini angabuyeli emuva ukuyothatha ingubo yakhe. Kepha maye kwabakhulelweyo nabancelisayo ngalezo zinsuku! Khulekani ukuba ukubaleka kwenu kungabi sebusika nangesabatha. Ngokuba lapho kuyakuba khona usizi olukhulu olungazange lube khona kwasekuqaleni kwezwe kuze kube manje nolungasayikuba khona. Uma lezo zinsuku zingafinyezwanga, bekungesindiswe muntu; kepha ngenxa yabakhethiweyo lezo zinsuku ziyakufinyezwa. Khona uma umuntu ethi kini: ‘Bhekani, nangu uKristu,’ noma: ‘Nanguya,’ ningakholwa. Ngokuba kuyakuvela okristu bamanga nabaprofethi bamanga, baveze izibonakaliso ezinkulu nezimangaliso, ukuze kudukiswe nabakhethiweyo, uma kungenzeka. Bhekani, senginitshelile ngaphambili. “Ngakho-ke uma bethi kini: ‘Bhekani, usehlane,’ ningaphumi; noma bethi: ‘Bhekani, usendlini,’ ningakholwa; ngokuba njengonyazi luphuma empumalanga, lubonakale kuze kube sentshonalanga, kuyakuba njalo ukufika kweNdodana yomuntu. Nomaphi lapho kukhona isidumbu, kulapho amanqe eyakubuthana khona. “Kepha masinyane emva kosizi lwalezo zinsuku “ ‘ilanga liyakufiphazwa, nenyanga ayiyikukhanya, nezinkanyezi ziyakuwa ezulwini, namandla ezulu ayakuzanyazanyiswa.’ “Khona kuyakubonakala ezulwini isibonakaliso seNdodana yomuntu, bese zikhala izizwe zonke zomhlaba, zibone iNdodana yomuntu iza emafwini ezulu, inamandla nenkazimulo enkulu. Iyakuthuma izingelosi zayo ngokukhala okukhulu kwecilongo, ziqoqe abakhethiweyo bayo emimoyeni yomine, kusukela emkhawulweni omunye wezulu kuze kube komunye. “Fundani umfanekiso emkhiwaneni; nxa igatsha lawo selithamba, lihlume amaqabunga, niyazi ukuthi ihlobo seliseduze. Kanjalo nani, nxa nibona konke lokhu, yazini ukuthi iseduze ngasemnyango. Ngiqinisile ngithi kini: Lesi sizukulwane asiyikudlula kungakenzeki konke lokhu. Kuyakudlula izulu nomhlaba, kepha amazwi ami awasoze adlula. “Kepha lolo suku nalelo hora akakho owazi lutho ngalo nazingelosi zasezulwini, naNdodana, nguBaba kuphela. Ngokuba njengasemihleni kaNowa, kuyakuba njalo ukufika kweNdodana yomuntu. Ngokuba njengasezinsukwini lezo ezandulela uzamcolo babedla, bephuza, beganwa, bendiswa, kwaze kwafika usuku uNowa angena ngalo emkhunjini, abazanga kwaze kwafika uzamcolo wabakhukhula bonke, kuyakuba njalo ukufika kweNdodana yomuntu. Khona-ke kuyakuba khona ababili ensimini, omunye athathwe, omunye ashiywe; ababili boba besila etsheni, omunye athathwe, omunye ashiywe. “Ngakho-ke lindani, ngokuba anazi ukuthi iNkosi yenu iyakufika ngaluphi usuku. Kepha anokwazi lokhu ukuthi, uma umninindlu ebewazi umlindo isela eliyakufika ngawo, ubeyakulinda, angavumi ukuba indlu yakhe ifohlwe. Ngalokho nani hlalani nilungele, ngokuba iNdodana yomuntu iyakufika ngesikhathi eningasicabangiyo. “Pho, ngubani oyinceku ethembekileyo neqondayo, inkosi yayo eyimisile phezu kwabendlu yayo ukuba ibanike ukudla ngesikhathi sakho na? Ibusisiwe leyo nceku, okuyakuthi kufika inkosi yayo, iyifumane yenze njalo. Ngiqinisile ngithi kini: Iyakuyimisa phezu kwakho konke enakho. Kodwa uma leyo nceku embi ithi enhliziyweni yayo: ‘Inkosi yami ilibele,’ iqale ukushaya izinceku ezikanye nayo, idle, iphuze nezidakwa, inkosi yaleyo nceku iyakufika ngosuku engayibhekile ngalo nangehora engalaziyo