NgokukaMathewu 24:15-50

NgokukaMathewu 24:15-50 ZUL20

“Ngakho-ke uma nibona amanyala anyantisayo, akhuluma ngawo uDaniyeli umphrofethi emi endaweni engcwele – ofundayo makaqaphele ukuthi kusho ukuthini. AbaseJudiya mababalekele ezintabeni; ophezu kophahla lwendlu, makangehli ukuyothatha okusendlini yakhe; osensimini, makangabuyeli emuva ukuyothatha ingubo yakhe. Maye, kwabakhulelweyo nabancelisayo ngalezo zinsuku! Khulekelani ukuba ukubaleka kwenu kungabi sebusika noma ngesabatha. Ngokuba kuyakuba khona usizi olukhulu olungakaze lube khona kwasekuqaleni kwezwe, kuze kube manje, futhi olungasoze lwaba khona. Ukuba lezo zinsuku bezingafinyezwanga, bekungesindiswe muntu, kodwa ngenxa yabakhethiweyo ziyakufinyezwa.” “Uma umuntu ethi kini: ‘Bhekani, nangu uKhristu,’ noma ethi: ‘Nanguya,’ ningakholwa. Ngokuba kuyakuvela okhristu mbumbulu nabaphrofethi bamanga. Bayakuveza izibonakaliso ezinkulu nezimangaliso, ukuze badukise, uma kungenzeka, abakhethiweyo. Niyabona-ke, nginitshele kungakenzeki lokho. “Ngakho-ke uma bethi kini: ‘Nango usehlane,’ ningayi lapho; noma bethi: ‘Nangu, usendlini,’ ningabakholwa. Njengonyazi luphuma empumalanga, lubonakale ngisho entshonalanga, kuyakuba njalo-ke ukufika kweNdodana yomuntu. “Noma kuphi lapho kunesidumbu khona, kulapho amanqe ebuthana khona. “Masinyane nje emva kosizi lwalezo zinsuku, “ ‘ilanga liyakufiphazwa, inyanga ayiyukukhanya, izinkanyezi ziyakuwa emkhathini, namandla ezulu ayakuzanyazanyiswa.’ “Khona kuyakubonakala isibonakaliso seNdodana yomuntu ezulwini, bese zikhala zonke izizwe zomhlaba. Zonke ziyakuyibona iNdodana yomuntu iza emafini ezulu, inamandla nenkazimulo enkulu. Iyakuthuma izingelosi zayo ngokukhala kwecilongo okukhulu, ziqoqe abakhethiweyo bayo emagumbini omane omhlaba, kusukela emkhawulweni wezulu kuze kube komunye. “Fundani emzekelisweni womkhiwane; uma igatsha lawo selithamba, kuhlume amacembe, nisuke senazi-ke ukuthi seliyathwasa ihlobo. Kanjalo nani, lapho nibona kwenzeka konke lokhu, yazini ukuthi iNkosi iseduze ngasemnyango. Ngiqinisile ngithi kini: lesi sizukulwane asiyukwedlula kungakenzeki konke lokhu. Izulu nomhlaba kuyakudlula, kodwa amazwi ami awasoze adlula. “Kepha mayelana nalolo lusuku nalelo hora, akekho owazi utho ngalo, ngisho izingelosi zasezulweni, neNdodana uqobo; nguBaba kuphela. Ngokuba njengasemihleni kaNowa, kuyakuba njalo ukufika kweNdodana yomuntu. Njengasezinsukwini lezo ezandulela uzamcolo babedla, bephuza, beganwa, bendiswa; kwaze kwafika usuku uNowa angena ngalo emkhunjini. Abazanga; kwaze kwafika uzamcolo wabakhukhula bonke; kuyakuba njalo nokufika kweNdodana yomuntu. Kuyakuba khona ababili ensimini; omunye athathwe, omunye ashiywe. Ababili bayakube begaya etsheni lokusila; omunye uyakuthathwa, omunye ashiywe. “Ngakho-ke lindani, ngokuba anazi ukuthi iNkosi yenu iyakufika ngaluphi usuku. Kepha yazini lokhu ukuthi, ukuba umninindlu ubazi ukuthi isela liyakugasela nini ebusuku, ubeyakulinda, angavumi ukuba indlu yakhe igqekezwe. Ngakho-ke nani hlalani nimi ngomumo, ngokuba iNdodana yomuntu iyakufika ningazelele. “Pho ngubani oyinceku ethembekileyo nehlakaniphileyo, inkosi yayo eyibeke ukuba yengamele abendlu yayo, ibanike ukudla ngesikhathi esifaneleyo na? Ibusisiwe leyo nceku okuyakuthi lapho inkosi yayo ifika, iyifumane isebenza. Ngiqinisile ngithi kini, iyakuyibeka yengamele konke enakho. Kepha uma leyo nceku embi ithi enhliziyweni yayo: ‘Inkosi yami isalibele,’ bese iqala ukushaya izinceku ezikanye nayo, idle, iphuze nezidakwa, inkosi yaleyo nceku iyakufika ngosuku engalulindele nangehora engalaziyo

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaMathewu 24:15-50