Mathewu 21:1-17

Mathewu 21:1-17 CZB24

Kwathi sebesondele eJerusalema, sebefikile eBetfage, entabeni yeMihlwathi, uJesu wathuma abafundi ababili, Wathi kubo: “Hambani niye emzaneni obhekene nani, nizakufumana masinyane imbongolo ikhulekiwe, nethole linayo; Uma umuntu esho utho kini, anothi: INkosi iyazidinga; njalo uzahle azithumele. Konke lokhu kwenzeka, ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngomprofethi ukuthi: Tshelani indodakazi yaseSiyoni ukuthi: Bheka, iNkosi yakho iza kuwe, imnene, ikhwele imbongolo, nethole lembongolo; Abafundi basebehamba benza njengokulaywa kukaJesu. Baletha imbongolo nethole, babeka izingubo zabo phezu kwazo, bamhlalisa phezu kwazo. Isixuku esikhulu kakhulu sendlala izingubo zaso endleleni; abanye bagawula amagatsha emithini, bawandlala endleleni. Izixuku ezazihamba ngaphambili neziyilandela zamemeza zathi: “Hosana kuyo iNdodana kaDavide! Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi; Hosana kweliphezulu. Esengenile eJerusalema, umuzi wonke wanyakaza, uthi: “Ngubani lo na? Izixuku zathi: “Lo ungumprofethi uJesu waseNazaretha laseGalile. UJesu wangena ethempelini likaNkulunkulu, waxosha bonke ababethengisa nababethenga ethempelini, wagumbuqela amatafula abashintshela imali nezihlalo zabathengisa ngamajuba. Wasesithi kubo: Kulotshiwe ukuthi: Indlu yami izabizwa ngokuthi yindlu yokukhuleka; kepha nina niyenze umhume wabaphangi. Kwase kufika kuye izimpumputhe nezinyonga ethempelini; wasebasilisa. Kwathi abapristi abakhulu nababhali bebona izimangaliso azenzayo, nabantwana bememeza ethempelini, bethi: “Hosana kuyo iNdodana kaDavide! babethukuthele kakhulu, Bathi kuye: “Uyakuzwa lokhu abakushoyo laba na? UJesu wathi kubo: Yebo; anikaze nifunde ukuthi: Emlonyeni wezingane nabasancela uphelelisile ukudumisa na? Wabashiya, waphuma emzini, waya eBethaniya; walala khona.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Mathewu 21:1-17