NgokukaMathewu 21:1-17

NgokukaMathewu 21:1-17 ZUL20

Kwathi sebesondele eJerusalema, sebefike eBhethifage ngaseNtabeni Yeminqumo, uJesu wathuma abafundi ababili, wathi kubo: “Hambani niye emzaneni oqondene nani; nxa nifika nizakufumana imbongolo ikhulekiwe nethole linayo. Zithukululeni nizilethe kimi. Uma kukhona umuntu osho utho kini, niyakuthi: ‘INkosi iyazidinga;’ uyakuzibuyisa ngokushesha.” Lokhu kwenzeka ukuze kugcwaliseke okwashiwo ngomphrofethi ukuthi: “Yishoni kuyo indodakazi yaseZiyoni, nithi: Bheka, iNkosi yakho iza kuwe ithobekile, igibele embongolweni; yebo, etholeni, inkonyane yesilwane esiboshelwayo.” Abafundi bahamba, benza njengokuba uJesu ebatshelile. Bayiletha imbongolo nethole, base bebeka izingubo zabo phezu kwazo, uJesu wayesehlala phezu kwezingubo. Isixuku esikhulu sendlala izingubo zaso endleleni, abanye bagawula amagatsha emithi, bawendlala endleleni. Izixuku ezazihamba phambili nezazimlandela zazimemeza zithi: “Hosana kuyo iNdodana kaDavide! Ubusisiswe ozayo egameni leNkosi. Hosana kweliphezulu!” Kwathi esangena eJerusalema, umuzi wonke wanyakaza, uthi: “Ngubani lo na?” Izixuku zazithi: “Lo ngumphrofethi, uJesu waseNazaretha laseGalile.” UJesu wangena ethempelini, waxosha bonke abathengisayo nabathengayo ethempelini, wagumbukuqela amatafula abashintshisa ngemali, nezihlalo zabathengisa ngamajuba. Wathi kubo: “Kulotshiwe ukuthi: ‘Indlu yami iyakubizwa ngokuthi indlu yokukhuleka,’ kepha nina niyenza umhume wabaphangi.” Kwase kufika kuye izimpumputhe, nezinyonga esesethempelini, waziphulukisa. Kepha abaphristi abakhulu nezazimthetho, sebezibonile izimangaliso ayezenza, nabantwana bememeza ethempelini, bethi: “Hosana kuyo iNdodana kaDavide,” bacasuka, bathi kuye: “Uyakuzwa yini lokhu abakushoyo laba na?” UJesu wathi kubo: “Yebo, anifundanga yini ukuthi: ‘Emlonyeni wezingane nowabancelayo, uzilungisele indumiso’ na?” Wahamba, waphuma emzini, waya eBhethaniya, walala ubusuku lapho.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaMathewu 21:1-17