Mathewu 18:21-25

Mathewu 18:21-25 CZB24

UPetro wasesondela kuye wathi: Nkosi, umfowethu uzangona kangaki, ngimthethelela? kuze kube kasikhombisa na? UJesu wathi kuye: “Angisho kuwe ukuthi kuze kube kasikhombisa, kodwa kuze kube kamashumi ayisikhombisa aphindwe kasikhombisa. Ngakho umbuso wezulu ufaniswa nenkosi eyayifuna ukubalelana nezinceku zayo. Kwathi eqala ukulandisa, kwalethwa kuye enye eyayinecala lamatalenta ayizinkulungwane eziyishumi. Kodwa njengoba ingenalutho lokukhokha, inkosi yayala ukuba kuthengiswe ngaye, nomkayo, nabantwana, nakho konke anakho, kukhokhwe.