Kwase kusondela uPhethro, wathi kuye: “Nkosi, umfowethu uyakungona kuze kube kangaki ngilokhu ngimthethelela na? Kuze kube kasikhombisa na?” UJesu wathi kuye: “Angisho kuwe ukuthi kuze kube kasikhombisa, kodwa kuze kube kama-70 aphindwe kasikhombisa. “Ngakho-ke umbuso wezulu ufaniswa nomuntu oyinkosi, obethanda ukubala akukweletwa yizinceku zakhe. Kwathi eseqalile ukubala, kwalethwa kuye omunye owayekweleta amathalenta ayizi-10 000. Kepha engenalutho lokukhokha, inkosi yayala ukuba kuthengiswe ngaye, ngomkakhe, nabantwana bakhe nangakho konke ayenakho, ukuze kukhokhwe isikweletu.
Funda NgokukaMathewu 18
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaMathewu 18:21-25
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo