NgokukaMathewu 18:21-25
NgokukaMathewu 18:21-25 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
UPetro wasesondela kuye wathi: Nkosi, umfowethu uzangona kangaki, ngimthethelela? kuze kube kasikhombisa na? UJesu wathi kuye: “Angisho kuwe ukuthi kuze kube kasikhombisa, kodwa kuze kube kamashumi ayisikhombisa aphindwe kasikhombisa. Ngakho umbuso wezulu ufaniswa nenkosi eyayifuna ukubalelana nezinceku zayo. Kwathi eqala ukulandisa, kwalethwa kuye enye eyayinecala lamatalenta ayizinkulungwane eziyishumi. Kodwa njengoba ingenalutho lokukhokha, inkosi yayala ukuba kuthengiswe ngaye, nomkayo, nabantwana, nakho konke anakho, kukhokhwe.
NgokukaMathewu 18:21-25 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwase kusondela uPhethro, wathi kuye: “Nkosi, umfowethu uyakungona kuze kube kangaki ngilokhu ngimthethelela na? Kuze kube kasikhombisa na?” UJesu wathi kuye: “Angisho kuwe ukuthi kuze kube kasikhombisa, kodwa kuze kube kama-70 aphindwe kasikhombisa. “Ngakho-ke umbuso wezulu ufaniswa nomuntu oyinkosi, obethanda ukubala akukweletwa yizinceku zakhe. Kwathi eseqalile ukubala, kwalethwa kuye omunye owayekweleta amathalenta ayizi-10 000. Kepha engenalutho lokukhokha, inkosi yayala ukuba kuthengiswe ngaye, ngomkakhe, nabantwana bakhe nangakho konke ayenakho, ukuze kukhokhwe isikweletu.
NgokukaMathewu 18:21-25 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Khona kwasondela uPetru, wathi kuye: “Nkosi, umfowethu uyakungona kangaki, ngimthethelela, na? Kuze kube kasikhombisa na?” UJesu wathi kuye: “Angisho kuwe ukuthi kuze kube kasikhombisa kodwa kuze kube kamashumi ayisikhombisa aphindwe kasikhombisa. “Ngalokho umbuso wezulu ufaniswa nomuntu oyinkosi obethanda ukubalisana nezinceku zakhe. Kwathi eseqale ukubala, kwalethwa kuye enye enecala lamatalenta* ayizinkulungwane eziyishumi. Kepha ingenalutho lokukhokha, inkosi yayala ukuba kuthengiswe ngayo, nangomkayo, nangabantabayo, nangakho konke enakho, kukhokhwe.
NgokukaMathewu 18:21-25 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)