Mathewu 17:14-18

Mathewu 17:14-18 CZB24

Kwathi sebefikile exukwini, kweza kuye indoda ethile, yaguqa phambi kwakhe, yathi: Nkosi, hawukela indodana yami, ngokuba inosathane, ikhathazekile; ngokuba iwela kaningi emlilweni, kaningi emanzini. Ngiyilethe kubafundi bakho, kepha behlulekile ukuyiphulukisa. UJesu waphendula wathi: “O sizukulwane esingakholwayo nesiphambeneyo, koze kube nini nginani na? koze kube nini nginibekezelela? mletheni lapha kimi. UJesu wamkhuza idemoni; waphuma kuye; umntwana waphulukiswa kusukela ngaleso sikhathi.