NgokukaMathewu 17:14-18

NgokukaMathewu 17:14-18 ZUL20

Sebefikile esixukwini, kweza kuye umuntu, waguqa ngamadolo phambi kwakhe, wathi: “Nkosi, hawukela indodana yami, ngokuba inesithuthwane, iyahlukumezeka kakhulu; kukaningi iwela emlilweni nasemanzini. Ngiyilethe kubafundi bakho, kodwa bahluleka ukuyiphulukisa.” UJesu waphendula wathi: “Maye, kinina, sizukulwane esingakholwayo nesiphambeneyo; kuyoze kube nini nginani na? Kuyoze kube nini nginibekezelela na? Yiletheni lapha kimi.” UJesu wayeselikhuza idimoni, laphuma kuyo; umfana wasinda ngaleso sikhathi.