NgokukaMathewu 17:14-18

NgokukaMathewu 17:14-18 ZUL59

Sebefikile esixukwini, kweza kuye umuntu, waguqa ngamadolo phambi kwakhe, wathi: “Nkosi, hawukela indodana yami, ngokuba inesithuthwane, ihlupheka kabi, lokhu iwela kaningi emlilweni, kaningi emanzini. Ngiyilethe kubafundi bakho, kepha bahluleka ukuyiphulukisa.” UJesu waphendula wathi: “O! sizukulwane esingakholwayo nesiphambeneyo, koze kube nini nginani na? Koze kube nini nginibekezelela na? Yiletheni lapha kimi.” UJesu wayeseyikhuza, idemoni laphuma kuyo; umfana waphulukiswa kusukela kuleso sikhathi.