Mathewu 16:1-12

Mathewu 16:1-12 CZB24

Kwafika abaFarisi nabaSadusi, bamlinga bamcela ukuba ababonise isibonakaliso esivela ezulwini. Waphendula wathi kubo: Kusihlwa nithi: Izulu lizokuba sihle, ngokuba izulu libomvu; Futhi ekuseni nithi: ‘Namuhla izulu lizoba mnyama, ngokuba izulu libomvu, lisibekele. Bazenzisi, niyakwazi ukubona ubuso bezulu; kepha aniziqondi izibonakaliso zezikhathi na? Isizukulwane esibi nesiphingayo sifuna isibonakaliso; futhi kasiyikunikwa sibonakaliso, ngaphandle kwesibonakaliso sikaJona umprofethi. Wabashiya, wahamba. Kwathi abafundi bakhe sebewelela ngaphesheya, babekhohliwe ukuphatha izinkwa. UJesu wasesithi kubo: Qaphelani liqaphele imvubelo yabaFarisi labaSadusi. Basebekhulumisana bodwa, besithi: Kungoba singaphathanga izinkwa. Ekwazi uJesu wathi kubo: “O nina eninokukholwa okuncane, nikhulumelani phakathi kwenu ngokuthi ningaphathanga izinkwa na? Anikaqondi yini, futhi anikazikhumbuli izinkwa eziyisihlanu zezinkulungwane ezinhlanu nokuthi bangaki obhasikidi enabutha? Nezinkwa eziyisikhombisa zezinkulungwane ezine nokuthi nabutha oqoma abangaki na? Aniqondi kanjani ukuthi angikhulumanga kini ngesinkwa ukuthi nixwaye imvubelo yabaFarisi nabaSadusi na? Base beqonda ukuthi wayengashongo ukuthi baxwaye imvubelo yesinkwa kodwa isifundiso sabaFarisi nabaSadusi.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo