Mathewu 16

16
Mathewu 16
1Kwafika abaFarisi nabaSadusi, bamlinga bamcela ukuba ababonise isibonakaliso esivela ezulwini.
2Waphendula wathi kubo: Kusihlwa nithi: Izulu lizokuba sihle, ngokuba izulu libomvu;
3Futhi ekuseni nithi: ‘Namuhla izulu lizoba mnyama, ngokuba izulu libomvu, lisibekele. Bazenzisi, niyakwazi ukubona ubuso bezulu; kepha aniziqondi izibonakaliso zezikhathi na?
4Isizukulwane esibi nesiphingayo sifuna isibonakaliso; futhi kasiyikunikwa sibonakaliso, ngaphandle kwesibonakaliso sikaJona umprofethi. Wabashiya, wahamba.
5Kwathi abafundi bakhe sebewelela ngaphesheya, babekhohliwe ukuphatha izinkwa.
6UJesu wasesithi kubo: Qaphelani liqaphele imvubelo yabaFarisi labaSadusi.
7Basebekhulumisana bodwa, besithi: Kungoba singaphathanga izinkwa.
8Ekwazi uJesu wathi kubo: “O nina eninokukholwa okuncane, nikhulumelani phakathi kwenu ngokuthi ningaphathanga izinkwa na?
9Anikaqondi yini, futhi anikazikhumbuli izinkwa eziyisihlanu zezinkulungwane ezinhlanu nokuthi bangaki obhasikidi enabutha?
10Nezinkwa eziyisikhombisa zezinkulungwane ezine nokuthi nabutha oqoma abangaki na?
11Aniqondi kanjani ukuthi angikhulumanga kini ngesinkwa ukuthi nixwaye imvubelo yabaFarisi nabaSadusi na?
12Base beqonda ukuthi wayengashongo ukuthi baxwaye imvubelo yesinkwa kodwa isifundiso sabaFarisi nabaSadusi.
13Kwathi uJesu esefikile emikhawulweni yeKesariya yeFiliphi, wabuza abafundi bakhe, wathi: Abantu bathi mina iNdodana yomuntu ngingubani?
14Basebesithi: Abanye bathi unguJohane uMbhabhathizi; labanye bathi nguJeremiya kumbe omunye wabaprofethi.
15Wathi kubo: “Nina-ke nithi ngingubani na?
16USimoni Petru waphendula wathi: “Wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu ophilayo.
17UJesu waphendula wathi kuye: “Ubusisiwe wena Simoni kaJona, ngokuba inyama negazi akukwambulelanga lokhu, kodwa uBaba osezulwini.
18Nami ngithi kuwe: Wena unguPetru, phezu kwalelidwala ngiyakulakha ibandla lami; futhi amasango esihogo ngeke alinqobe.
19Ngizakunika izihluthulelo zombuso wezulu, njalo loba yini ozayibopha emhlabeni izakuba kubotshiwe ezulwini, njalo loba yini ozayikhulula emhlabeni izakuba yinto ethukululiwe ezulwini.
20Wasebalaya abafundi bakhe ukuthi bangatsheli muntu ukuthi yena unguJesu uKristu.
21Kusukela ngaleso sikhathi uJesu waqala ukubonisa abafundi bakhe ukuthi umelwe ukuya eJerusalema, ahlushwe ngokuningi ngamalunga nabapristi abakhulu nababhali, abulawe, avuswe ngosuku lwesithathu.
22UPetru wayesemthatha, waqala ukumkhuza, ethi: “Makube kude nawe, Nkosi;
23Kodwa yena waphenduka wathi kuPetro: Suka emva kwami, Sathane;
24Khona uJesu wathi kubafundi bakhe: “Uma umuntu ethanda ukungilandela, makazidele, athabathe isiphambano sakhe, angilandele.
25Ngokuba yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho, kepha olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami uyakukufumana.
26Ngokuba kuyakumsizani umuntu, uma ezuza izwe lonke, onakalelwe ukuphila kwakhe, na? Yingabe uyakukhiphani umuntu, kube yisihlengo sokuphila kwakhe, na?
27Ngokuba iNdodana yomuntu iyakuza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi zayo; khona-ke iyakuvuza yilowo nalowo ngesenzo sakhe.
28Ngiqinisile ngithi kini: Bakhona abanye kwabemi lapha abangayikuzwa ngempela ukufa, baze bayibone iNdodana yomuntu iza embusweni wayo.”

Okuqokiwe okwamanje:

Mathewu 16: CZB24

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo