NgokukaMathewu 16:1-12

NgokukaMathewu 16:1-12 ZUL20

AbaFarisi nabaSadusi beza kuJesu bemlinga, bacela ukuba abakhombise isibonakaliso esivela ezulwini. Kepha waphendula, wathi kubo: “Nxa sekuhlwile nithi: ‘Liyobe lisile, lokhu izulu libhejile;’ kuthi kusasa nithi: ‘Namuhla lizakuphendula, ngokuba libhejile, liguqubele.’ Niyakwazi ukuchaza isimo sezulu, kepha yini ningakwazi ukubona izibonakaliso zezikhathi na? Isizukulwane esibi nesiphingayo sifuna isibonakaliso, kepha asiyukunikwa sibonakaliso, kuphela isibonakaliso sikaJona, umphrofethi.” Wayesebashiya, wahamba. Kuthe sebefike ngaphesheya, kwahlaluka ukuthi abafundi bakhe bakhohliwe ukuphatha izinkwa. UJesu wayesethi kubo: “Qaphelani, nixwaye imvubelo yabaFarisi nabaSadusi.” Baqagulisana bodwa, bathi: “Kungokuba singaziphathanga izinkwa.” Kepha uJesu ekwazi abakucabangayo, wathi: “Niqagulisana nithini phakathi kwenu, nina bokukholwa okuncane, nithi yingokuba ningenazinkwa na? Anikaqondi yini, futhi anizikhumbuli izinkwa eziyisihlanu ezondla izi-5 000 nokuthi nabutha iziqabetho ezingaki na? Nezinkwa eziyisikhombisa ezondla izi-4 000 nokuthi nabutha iziqabetho ezingaki na? Aniqondi ngani ukuthi bengingakhulumi kini ngesinkwa na? Kepha xwayani imvubelo yabaFarisi nabaSadusi.” Base beqonda ukuthi akashongo ukuba baxwaye imvubelo yezinkwa, kepha imfundiso yabaFarisi nabaSadusi.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo