Mathewu 12:22-37

Mathewu 12:22-37 CZB24

Kwase kulethwa kuye okhwelwe yidemoni, eyimpumputhe nesimungulu; wamphulukisa, kwaze kwakhuluma, wabona nempumputhe nesimungulu. Bamangala bonke abantu, bathi: “Lo akasiyo indodana kaDavide na? Kodwa abaFarisi bekuzwa bathi: Lo kakhiphi amadimoni, kuphela ngoBelezebule umbusi wamadimoni. UJesu eyazi imicabango yabo wathi kubo: “Yilowo nalowombuso owehlukene phakathi uyachitheka; futhi wonke umuzi noma indlu eyehlukene yodwa ayiyikuma. Uma uSathane ekhipha uSathane, uhlukene yedwa; pho, umbuso wakhe uyakuma kanjani na? Uma mina ngikhipha amademoni ngoBelzebule, abantwana benu bawakhipha ngobani na? ngalokho bayakuba ngabahluleli benu. Kepha uma ngikhipha amademoni ngoMoya kaNkulunkulu, umbuso kaNkulunkulu usufikile kini. Noma umuntu angangena kanjani endlini yesiqhwaga, aphange impahla yaso, uma engabophi kuqala isiqhwaga, na? khona-ke uyakuphanga indlu yakhe. Ongenami umelene nami; ongabuthi kanye nami uyahlakaza. Ngalokho ngithi kini: Abantu bayakuthethelelwa zonke izono nokuhlambalaza, kepha ukuhlambalaza uMoya akuyikuthethelelwa. Nalowo okhuluma izwi elibi ngeNdodana yomuntu uyakuthethelelwa; “Yenzani umuthi ube muhle, nesithelo sawo sibe sihle; noma nenze umuthi ube mubi, nesithelo sawo sibe sibi, ngokuba umuthi waziwa ngesithelo sawo. Nzalo yezinyoka, ningakhuluma kanjani okuhle nibabi na? ngokuba umlomo ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo. Umuntu omuhle emfuyweni enhle yenhliziyo ukhipha okuhle, nomuntu omubi emfuyweni embi ukhipha okubi. Kepha ngithi kini: Amazwi onke ayize abawakhulumayo abantu bayakuzilanda ngawo ngosuku lokwahlulelwa. Ngokuba ngamazwi akho uyakuthiwa ulungile, nangamazwi akho uyakulahlwa.