NgokukaMathewu 12:22-37

NgokukaMathewu 12:22-37 ZUL20

Kwase kulethwa kuye onamadimoni, eyimpumputhe futhi eyisimungulu; wamphulukisa, waze wabona, wakhuluma lo obeyisimungulu. Zonke izixuku zamangala kakhulu, zathi: “Lo akusiyo yini indodana kaDavide na?” AbaFarisi bekuzwa lokhu, bathi: “Lo ukhipha amadimoni kuphela ngombusi wamadimoni, uBhelzebhule.” UJesu ekwazi abakucabangayo, wathi kubo: “Yilowo nalowo mbuso owehlukene wodwa uyachitheka, nalowo nalowo muzi noma yindlu eyehlukene yodwa ayiyukuma. Uma uSathane ekhipha uSathane, kusho ukuthi wehlukene yedwa. Pho umbuso wakhe uyakuma kanjani na? Uma Mina ngikhipha amadimoni ngoBhelzebhule, amadodana enu awakhipha ngobani na? Ngakho-ke yiwona ayakuba ngabehluleli benu. Kepha uma Mina ngikhipha amadimoni ngoMoya kaNkulunkulu, kusho ukuthi umbuso kaNkulunkulu usufikile kini. “Umuntu angangena kanjani endlini yesiqhwaga, aphange impahla yaso, uma engaqalanga ngokubopha isiqhwaga, andukuba aphange indlu yaso na? “Ongahambisani nami, umelene nami; ongaqoqi nami, uyahlakaza. Ngakho-ke ngithi kini: zonke izono zabantu nokuhlambalaza kuyakuthethelelwa, kodwa ohlambalaza uMoya akuyukuthethelelwa. Yilowo nalowo oyakukhuluma izwi elimelene neNdodana yomuntu, uyakuthethelelwa; kodwa lowo oyakukhuluma izwi elimelene noMoya oNgcwele, akayukuthethelelwa kuleli lizwe nakwelizayo. “Kuphakathi kokuba nithi umuthi muhle, nesithelo sawo sibe sihle; noma nithi mubi, nesithelo sawo sibe sibi; ngokuba umuthi waziwa ngesithelo sawo. Nzalo yezinyoka, ningakukhuluma kanjani okuhle nibe nibabi na? Ngokuba umlomo ukhuluma okuchichima enhliziyweni. Umuntu omuhle ukhipha okuhle engcebeni yakhe enhle; nomuntu omubi ukhipha okubi engcebeni yakhe embi. Kepha ngithi kini: amazwi wonke ayize akhulunywa ngabantu, bayakulanda ngawo ngomhla wokwehlulelwa. Ngokuba uyakwehlulelwa ngamazwi akho, icala likuthethe, futhi uyakulahlwa ngamazwi akho.”

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo