NgokukaMathewu 12:22-37

NgokukaMathewu 12:22-37 ZUL59

Kwase kulethwa kuye okhwelwe yidemoni, eyimpumputhe eyisimungulu; wamphulukisa, kwaze kwathi oyisimungulu wakhuluma, wabona. Zase zimangala kakhulu izixuku zonke, zathi: “Lo asiyo indodana kaDavide na?” Kepha abaFarisi bekuzwa bathi: “Lo uwakhipha amademoni ngoBelzebule kuphela, umbusi wamademoni.” Kepha uJesu ezazi izizindlo zabo wathi kubo: “Yilowo nalowo mbuso owahlukene wodwa uyachitheka, nalowo muzi nokuba indlu eyahlukene yodwa ingeme. Uma uSathane emkhipha uSathane, wahlukene yedwa. Pho, umbuso wakhe uyakuma kanjani na? Uma mina ngikhipha amademoni ngoBelzebule, amadodana enu awakhipha ngobani na? Ngalokho-ke wona ayakuba ngabahluleli benu. Kepha uma mina ngikhipha amademoni ngoMoya kaNkulunkulu, umbuso kaNkulunkulu usufikile phela kini. “Futhi umuntu angangena kanjani endlini yesiqhwaga, aphange impahla yaso, uma engabophi kuqala isiqhwaga, andukuba aphange indlu yaso, na? “Ongenami umelene nami; ongabuthi nami uyahlakaza. Ngalokho ngithi kini: Abantu bayakuthethelelwa zonke izono nokuhlambalaza, kepha ukuhlambalaza uMoya akuyikuthethelelwa. Yilowo nalowo okhuluma izwi elimelene neNdodana yomuntu uyakuthethelelwa; kepha lowo okhuluma elimelene noMoya oNgcwele akayikuthethelelwa nakuleli zwe nakwelizayo. “Yenzani umuthi ube muhle, nesithelo sawo sibe sihle; noma nenze umuthi ube mubi, nesithelo sawo sibe sibi; ngokuba umuthi waziwa ngesithelo sawo. Nzalo yezinyoka, ningakhuluma kanjani okuhle nibabi na? Ngokuba umlomo ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo. Umuntu omuhle ukhipha okuhle engcebeni yakhe enhle; nomuntu omubi ukhipha okubi engcebeni yakhe embi. Kepha ngithi kini: Amazwi onke ayize abawakhulumayo abantu bayakuzilanda ngawo ngosuku lokwahlulelwa. Ngokuba ngamazwi akho uyakuthethwa, nangamazwi akho uyakulahlwa.”

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo