Mathewu 11:2-6
Mathewu 11:2-6 CZB24
Kwathi uJohane esetilongweni ezwe imisebenzi kaKristu, wathuma ababili kubafundi bakhe. Basesithi kuye: Wena unguye ozayo yini, kumbe silindele omunye? UJesu waphendula, wathi kubo: Hambani nimtshele uJohane lokho enikuzwayo nenikubonayo; Izimpumputhe ziyabona, nezinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanjululwa, nezithulu ziyezwa, abafileyo bayavuswa, nabampofu bayashunyayezwa ivangeli. Futhi ubusisiwe ongayikukhubeka ngami.


