NgokukaMathewu 11:2-6
NgokukaMathewu 11:2-6 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kwathi uJohane esetilongweni ezwe imisebenzi kaKristu, wathuma ababili kubafundi bakhe. basesithi kuye: Wena unguye ozayo yini, kumbe silindele omunye? UJesu waphendula, wathi kubo: Hambani nimtshele uJohane lokho enikuzwayo nenikubonayo; Izimpumputhe ziyabona, nezinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanjululwa, nezithulu ziyezwa, abafileyo bayavuswa, nabampofu bayashunyayezwa ivangeli. Futhi ubusisiwe ongayikukhubeka ngami.
NgokukaMathewu 11:2-6 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kuthe lapho uJohane esejele, ezwa ngemisebenzi kaKhristu wayesethumela ngabafundi bakhe, wathi kuye: “Unguye yini ozayo, noma silindele omunye na?” UJesu waphendula wathi kubo: “Hambani nimlandise uJohane ngalokho enikuzwileyo nenikubonileyo: Izimpumputhe ziyabona, izinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanjululwa, izithulu ziyezwa, abafileyo bayavuswa, nabampofu bashunyayezwa ivangeli. Ubusisiwe ongayukukhubeka ngenxa yami.”
NgokukaMathewu 11:2-6 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwathi-ke uJohane esetilongweni, ezwile ngemisebenzi kaKristu, wathumela ngabafundi bakhe, wathi kuye: “Wena unguye ozayo, noma sobheka omunye na?” UJesu waphendula, wathi kubo: “Hambani nimlandise uJohane lokhu enikuzwayo nenikubonayo ukuthi: Izimpumputhe ziyabona, izinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanjululwa, izithulu ziyezwa, abafileyo bayavuswa, abampofu bayashunyayezwa ivangeli; ubusisiwe ongayikukhubeka ngami.”
NgokukaMathewu 11:2-6 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kwathi uJohane esetilongweni ezwe imisebenzi kaKristu, wathuma ababili kubafundi bakhe. Basesithi kuye: Wena unguye ozayo yini, kumbe silindele omunye? UJesu waphendula, wathi kubo: Hambani nimtshele uJohane lokho enikuzwayo nenikubonayo; Izimpumputhe ziyabona, nezinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanjululwa, nezithulu ziyezwa, abafileyo bayavuswa, nabampofu bayashunyayezwa ivangeli. Futhi ubusisiwe ongayikukhubeka ngami.