NgokukaMathewu 11:2-6

NgokukaMathewu 11:2-6 ZUL59

Kwathi-ke uJohane esetilongweni, ezwile ngemisebenzi kaKristu, wathumela ngabafundi bakhe, wathi kuye: “Wena unguye ozayo, noma sobheka omunye na?” UJesu waphendula, wathi kubo: “Hambani nimlandise uJohane lokhu enikuzwayo nenikubonayo ukuthi: Izimpumputhe ziyabona, izinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanjululwa, izithulu ziyezwa, abafileyo bayavuswa, abampofu bayashunyayezwa ivangeli; ubusisiwe ongayikukhubeka ngami.”

Ividiyo ye- NgokukaMathewu 11:2-6