Mathewu 10:26-33

Mathewu 10:26-33 CZB24

Ngakho-ke ningabesabi, ngokuba akukho okumboziwe okungayikwambulwa; lokufihliweyo, okungasoze kwaziwa. Enginitshela khona ebumnyameni, kukhulumeni ekukhanyeni, nalokho enikuzwa endlebeni, kushumayeleni phezu kwezindlu. Ningabesabi ababulala umzimba, bengenamandla okubulala umphefumulo, kepha kakhulu mesabeni onamandla okubhubhisa nomphefumulo nomzimba esihogweni. Akuthengwa yini imizwilili emibili ngendibilishi na? futhi ayisoze yawela phansi enye yazo ngaphandle kukaYihlo. Kodwa nezinwele zekhanda lenu zibaliwe zonke. Ngakho-ke ningesabi; nina nidlula imizwilili eminingi. Ngakho-ke lowo oyakungivuma phambi kwabantu, nami ngiyakumvuma phambi kukaBaba osezulwini. Kepha lowo oyakungiphika phambi kwabantu, nami ngiyakumphika phambi kukaBaba osezulwini.