NgokukaMathewu 10:26-33

NgokukaMathewu 10:26-33 ZUL20

“Ngakho-ke ningabesabi, ngokuba akukho okusitshekelweyo okungayukwambulwa nokufihliweyo okungayukwaziwa. Lokhu enginitshela khona ebumnyameni, kukhulumeni ekukhanyeni; nalokhu enikuzwayo endlebeni, kumemezeleni phezu kwezindlu. Ningabesabi ababulala umzimba bengenamandla okubulala umphefumulo, kepha kakhulu mesabeni onamandla okubhubhisa umphefumulo nomzimba esihogweni. Akuthengiswa yini imizwilili emibili ngendibilishi na? Nokho akukho namunye oyakuwela phansi ngaphandle kwemvume kaYihlo. Kepha nani, zibaliwe zonke izinwele zekhanda lenu. Ngakho-ke maningesabi; nina niyayidlula imizwilili eminingi. “Ngalokho-ke yilowo nalowo oyakungivuma phambi kwabantu, nami ngiyakumvuma phambi kukaBaba osezulwini. Kepha lowo oyakungiphika phambi kwabantu, nami ngiyakumphika phambi kukaBaba osezulwini.