NgokukaMathewu 10:26-33

NgokukaMathewu 10:26-33 ZUL59

“Ngakho-ke ningabesabi; ngokuba akukho okusitshekelweyo okungayikwambulwa nokufihliweyo okungayikwaziwa. Lokhu enginitshela khona ebumnyameni, kukhulumeni ekukhanyeni; nalokhu enikuzwayo endlebeni, kushumayeleni phezu kwezindlu. Ningabesabi ababulala umzimba bengenamandla okubulala umphefumulo, kepha kakhulu mesabeni onamandla okubhubhisa nomphefumulo nomzimba esihogweni. Akuthengwa yini imizwilili emibili ngendibilishi na? Kepha akuyikuwa phansi namunye kuyo ngaphandle kukaYihlo. Kodwa kini zibaliwe nezinwele zonke zekhanda lenu. Ngakho maningesabi; nina niyayidlula imizwilili eminingi. “Ngalokho-ke yilowo nalowo oyakungivuma phambi kwabantu, nami ngiyakumvuma phambi kukaBaba osezulwini; kepha lowo oyakungiphika phambi kwabantu, nami ngiyakumphika phambi kukaBaba osezulwini.