Mathewu 1:5-17

Mathewu 1:5-17 CZB24

uSalimoni wazala uBhowazi ngoRahabi; uBhowazi wazala u-Obede kuRuthe; u-Obede wazala uJese; UJese wazala uDavide inkosi; uDavide inkosi wazala uSolomoni ngumka-Uriya; USolomoni wazala uRehobowamu; uRehobowamu wazala uAbhiya; uAbhiya wazala uAsa; U-Asa wazala uJehoshafati; uJehoshafati wazala uJoramu; uJoramu wazala u-Oziya; U-Oziya wazala uJothamu; uJothamu wazala u-Ahazi; u-Ahazi wazala uHezekiya; uHezekiya wazala uManase; uManase wazala u-Amoni; u-Amoni wazala uJosiya; uJosiya wazala uJekoniya nabafowabo, ngesikhathi sokuthunjelwa kwabo eBhabhiloni. Emva kokuthunjelwa eBabele, uJekoniya wazala uSalatiyeli; uSalatiyeli wazala uZorubhabheli; USorobhabheli wazala u-Abiyudi; u-Abiyudi wazala u-Eliyakimi; u-Eliyakimi wazala u-Azore; u-Azore wazala uSadoki; uSadoki wazala uAkimi; u-Akimi wazala u-Eliyudi; u-Eliyudi wazala u-Eleyazare; u-Eleyazare wazala uMathani; uMathani wazala uJakobe; uJakobe wazala uJosefa indoda kaMariya, okwazalwa ngaye uJesu, othiwa uKristu. Zonke izizukulwane ezisukela ku-Abrahama ziye kuDavide ziyizizukulwane eziyishumi nane; nezisukela kuDavide kuze kube sekuthunjelweni eBabiloni ziyizizukulwane eziyishumi nane; futhi kusukela ekuthunjelweni eBhabhiloni kuze kufike kuKristu ziyizizukulwane eziyishumi nane.

Funda Mathewu 1