NgokukaMathewu 1:5-17

NgokukaMathewu 1:5-17 ZUL59

uSalimoni wazala uBowasi kuRahabi, uBowasi wazala u-Obede kuRuthe, u-Obede wazala uJesayi; uJesayi wazala uDavide, inkosi. UDavide wazala uSolomoni kumka-Uriya; uSolomoni wazala uRobowamu, uRobowamu wazala u-Abiya, u-Abiya wazala u-Asafa; u-Asafa wazala uJosafati, uJosafati wazala uJoramu, uJoramu wazala u-Oziya; u-Oziya wazala uJothamu, uJothamu wazala u-Akazi, u-Akazi wazala uHezekiya; uHezekiya wazala uManase, uManase wazala u-Amoni, u-Amoni wazala uJosiya; uJosiya wazala uJekoniya nabafowabo ngesikhathi sokuthunjelwa eBabiloni. Kwathi emva kokuthunjelwa eBabiloni uJekoniya wazala uSalatiyeli, uSalatiyeli wazala uZorobabeli; uZorobabeli wazala u-Abiyudi, u-Abiyudi wazala u-Eliyakimi, u-Eliyakimi wazala u-Azori; u-Azori wazala uSadoki, uSadoki wazala u-Akimi, u-Akimi wazala u-Eliyudi; u-Eliyudi wazala u-Eleyazare, u-Eleyazare wazala uMathani, uMathani wazala uJakobe; uJakobe wazala uJosefa, indoda kaMariya, azalwa nguye uJesu othiwa uKristu. Zinjalo-ke izizukulwane zonke ezisukela ku-Abrahama ziye kuDavide, ziyizizukulwane eziyishumi nane; nezisukela kuDavide ziye ekuthunjelweni eBabiloni ziyizizukulwane eziyishumi nane; nezisukela ekuthunjelweni eBabiloni ziye kuKristu ziyizizukulwane eziyishumi nane.