NgokukaMathewu 1:5-17

NgokukaMathewu 1:5-17 ZUL20

uSalimoni wazala uBhowazi kuRakhabi, uBhowazi wazala u-Obhede kuRuthe, u-Obhede wazala uJesayi; uJesayi wazala uDavide, inkosi. UDavide wazala uSolomoni kumka-Uriya; uSolomoni wazala uRehobhowamu, uRehobhowamu wazala u-Abiya, u-Abiya wazala u-Asafa; u-Asafa wazala uJehoshafathi, uJehoshafathi wazala uJoramu, uJoramu wazala u-Uziya; u-Uziya wazala uJothamu, uJothamu wazala u-Ahazi, u-Ahazi wazala uHezekiya; uHezekiya wazala uManase, uManase wazala u-Amoni, u-Amoni wazala uJosiya; uJosiya wazala uJekhoniya nabafowabo ngesikhathi abakwa-Israyeli bethunjelwa eBhabhiloni. Kwathi sebethunjelwe eBhabhiloni; uJekhoniya wazala uSalithiyeli, uSalithiyeli wazala uZerubhabhele; uZerubhabhele wazala u-Abhiyudi, u-Abhiyudi wazala u-Eliyakhimi, u-Eliyakhimi wazala u-Azori; u-Azori wazala uZadoki, uZadoki wazala u-Akhimi, u-Akhimi wazala u-Eliyudi; u-Eliyudi wazala u-Eleyazare, u-Eleyazare wazala uMathani, uMathani wazala uJakobe; uJakobe wazala uJosefa, indoda kaMariya; yena wazala uJesu okuthiwa uKhristu. Zinjalo-ke izizukulwane zonke kusukela ku-Abhrahama kuya kuDavide; ziyizizukulwane ezili-14; ezisukela kuDavide kuze kube yisikhathi sokuthunjelwa eBhabhiloni, ziyizizukulwane ezili-14; nezisukela esikhathini sokuthunjelwa eBhabhiloni kuze kube yisikhathi sikaKhristu, ziyizizukulwane ezili-14.