Luka 8:27-39

Luka 8:27-39 CZB24

Esephumele emhlabathini, kwamhlangabeza indoda ethile evela emzini, eyayinamademoni isikhathi eside, ingagqoki, ingahlali endlini, kodwa emathuneni. Yathi imbona uJesu, yamemeza yawa phansi phambi kwakhe, yathi ngezwi elikhulu: “Nginamsebenzi muni nawe Jesu, Ndodana kaNkulunkulu oPhezukonke? ngiyakuncenga, ungangihluphi. (Ngokuba wayeyalile umoya ongcolileyo ukuba uphume kumuntu, ngokuba wawumbambe kaningi, eboshiwe ngamaketanga nangamaketanga, wazigqabula izibopho, waqhutshelwa nguSathane ehlane.) UJesu wambuza wathi: “Ungubani igama lakho na? Wathi: “ILegiyoni, ngokuba amademoni amaningi abengene kuye. Zamncenga ukuthi angazilaya ukuthi ziphumele ekujuleni. Kwakukhona lapho umhlambi wezingulube eziningi ziklabile entabeni, zamcela ukuba azivumele zingene kuzo. Futhi wabavumela. Khona aphuma amademoni kumuntu, angena ezingulubeni; Kwathi ababezalusa bebona okwenzekileyo, babaleka, babika emzini nasemaphandleni. Base bephuma ukuyobona okwenzekileyo; bafika kuJesu, bamfumana umuntu okwakuphume kuye amademoni ehlezi ngasezinyaweni zikaJesu embethe, esangulukile; Lababekubonile babatshela ukuthi okhwelwe ngamadimoni usiliswe njani. Isixuku sonke sesifunda samaGadara samncenga ukuba amuke kubo; ngoba babebanjwe ngukwesaba okukhulu; wasekhwela emkhunjini, wabuya. Kodwa indoda okwakuphume kuyo amadimoni yamncenga ukuthi abe laye; kodwa uJesu wayimukisa, esithi. Buyela endlini yakho, ulandise ukuthi kungakanani uNkulunkulu akwenzele khona. Wamuka, washumayela emzini wonke ukuthi kungakanani uJesu akwenzile kuye.

Funda Luka 8

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo