NgokukaLuka 8:27-39

NgokukaLuka 8:27-39 ZUL59

Esephumele emhlabathini, kwamhlangabeza indoda ethile yomuzi eyayinamademoni; kwase kuyisikhathi eside ingembathi ngubo, ingahlali endlini kodwa emathuneni. Isimbona uJesu yadazuluka, yawa phansi phambi kwakhe, yathi ngezwi elikhulu: “Nginamsebenzi muni nawe Jesu, Ndodana kaNkulunkulu oPhezukonke? Ngiyakuncenga, ungangihluphi.” Ngokuba wayala umoya ongcolileyo ukuba aphume kulowo muntu. Ngokuba wayesembambe kaningi; walindwa eboshwe ngawozankosi nangamaketanga ezinyawo; kepha wathi esegqabule izibopho, waqhutshelwa yidemoni ehlane. UJesu wambuza wathi: “Ungubani igama lakho?” Wathi: “ULegiyona,*” ngokuba amademoni amaningi ayengene kuye. Amncenga ukuba angawayali ukuya kwalasha. Kwakukhona lapho umhlambi wezingulube eziningi ziklabile entabeni; amncenga ukuba awavumele angene kuzo; wawavumela. Aphuma-ke amademoni kuye umuntu, angena ezingulubeni, umhlambi wagulukudela eweni, waphonseka elwandle, waminza. Kwathi ababezalusa bebona okwenzekileyo, babaleka, bakubika emzini nasemaphandleni. Khona baphuma ukuyobona okwenzekileyo, bafika kuJesu, bamfumanisa umuntu okuphume kuye amademoni ehlezi ngasezinyaweni zikaJesu embethe, esangulukile; bashaywa luvalo. Ababekubonile babatshela ukuthi usinde kanjani owayekhwelwe ngamademoni. Abantu bonke bakulelo zwe lamaGerasa bamcela ukuba amuke kubo, ngokuba babephethwe ngukwesaba okukhulu; yena wayesengena emkhunjini, waphindela emuva. Kepha indoda okuphume kuyo amademoni yamnxusa ukuba ibe naye; kodwa wayimukisa, ethi: “Buyela ekhaya, ulande ukuthi kungakanani uNkulunkulu akwenzele khona.” Wamuka elanda emzini wonke ngokuthi kungakanani abekwenzelwe nguye uJesu.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo