NgokukaLuka 8:27-39

NgokukaLuka 8:27-39 ZUL20

Esehlele emhlabathini, indoda ethile eyayinamadimoni, ivela emzini, yamhlangabeza. Kwase kuyisikhathi lowo muntu engasagqoki lutho, futhi engasahlali ekhaya kodwa ehlala emathuneni. Lowo muntu, embona uJesu, wadazuluka, wayesewa phansi phambi kwakhe, washo ngezwi elikhulu wathi: “Ufunani kimi, Jesu Ndodana kaNkulunkulu oPhezukonke na? Ngiyakuncenga, ungangihluphi,” ngokuba uJesu wayesewuyalile lo moya omubi ukuba uphume kulo muntu. Izikhathi eziningi, lo moya wawusumbambe kaningana, kwale noma eseboshwe ngozankosi nangamaketango ezinyaweni, eqashelwe. Wayezigqabula izibopho; wayeqhutshwa yilawo madimoni, amuyise ehlane. UJesu wambuza wathi: “Ungubani igama lakho?” Wathi: “NginguLegiyona,” ngenxa yokuba kwakungene kuye amadimoni amaningi. Kepha amadimoni amncenga ukuba angawayali ukuya kwalasha. Kwakukhona budebuduze entabeni umhlambi omkhulu wezingulube owawuklabe lapho. Amncenga ukuba awavumele ukuba angene kuzo, nempela wawavumela. Ngakho-ke amadimoni aphuma kulowo muntu, angena ezingulubeni; umhlambi wabaleka wakhalakathela eweni olwandle, waminza. Ababelusile bebona okwenzekileyo, babaleka bayobika emzini nasemakhaya. Baphuma ukuyozibonela okwenzekileyo, bafika kuJesu, bafica umuntu obenamadimoni ehleli ezinyaweni zikaJesu, idimoni seliphumile kuye, egqokile futhi ingqondo yakhe ibuye ngokuphelele, baba nokwesaba. Ababezibonele ngawabo, babatshela ukusuka nokuhlala kwendaba ukuthi wayesinde kanjani obekade ephethwe ngamadimoni. Bonke abantu, nomakhelwane baseGerasa, bamcela ukuba asuke kubo, ahambe, ngokuba babekhungethwe ngukwesaba okukhulu. Ngakho-ke uJesu wangena esikebheni, wabuyela lapho ayevela khona. Indoda okwakuphume kuyo amadimoni yamnxusa ukuba ahambe nayo, kodwa wayibuyisela emuva, ethi: “Buyela ekhaya, ubalandise ukuthi uNkulunkulu ukwenzele ini.” Nempela yahamba yabalandisa emzini wakubo wonke, ukuthi kungakanani uJesu ayeyenzele khona.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo