Luka 8:16-18

Luka 8:16-18 CZB24

Akakho othi esokhela isibani, asimboze ngesitsha, noma asibeke ngaphansi kombhede; kodwa ulubeka othini lwesibane, ukuze abangenayo babone ukukhanya. Ngokuba akukho okusithekile okungayikubonakaliswa; futhi okufihliweyo okungayikwaziwa nokuphumela obala. Ngakho qaphelani ukuthi nizwa kanjani, ngokuba yilowo nalowo onakho uyakuphiwa; futhi lowo ongenakho uyothathwa kuye ngisho nalokho angathi unakho.

Funda Luka 8