NgokukaLuka 8:16-18
NgokukaLuka 8:16-18 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Akekho othi angokhela isibani, bese esimboza ngesitsha noma asibeke phansi kombhede, kodwa usifaka othini, ukuze abangenayo babone ukukhanya. Ngokuba akukho okufihliweyo okungayukuvela obala, nokuyisifuba okungayukudaluleka, kube sobala. Ngakho-ke qaphelani ukuthi nizwa kanjani, ngokuba yilowo nalowo onakho, uyakuphiwa, kodwa lowo ongenakho, uyakwemukwa nalokho anakho.”
NgokukaLuka 8:16-18 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Akakho othi esokhela isibani, asimboze ngesitsha, noma asibeke ngaphansi kombhede; kodwa ulubeka othini lwesibane, ukuze abangenayo babone ukukhanya. Ngokuba akukho okusithekile okungayikubonakaliswa; futhi okufihliweyo okungayikwaziwa nokuphumela obala. Ngakho qaphelani ukuthi nizwa kanjani, ngokuba yilowo nalowo onakho uyakuphiwa; futhi lowo ongenakho uyothathwa kuye ngisho nalokho angathi unakho.
NgokukaLuka 8:16-18 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Akakho othi esokhela isibani, asimboze ngesitsha, noma asibeke ngaphansi kombhede; kodwa ulubeka othini lwesibane, ukuze abangenayo babone ukukhanya. Ngokuba akukho okusithekile okungayikubonakaliswa; futhi okufihliweyo okungayikwaziwa nokuphumela obala. Ngakho qaphelani ukuthi nizwa kanjani, ngokuba yilowo nalowo onakho uyakuphiwa; futhi lowo ongenakho uyothathwa kuye ngisho nalokho angathi unakho.
NgokukaLuka 8:16-18 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Akakho othi esokhela isibani, asimboze ngesitsha nokuba asibeke phansi kombhede, kepha usifaka othini, ukuze abangenayo babone ukukhanya. Ngokuba akukho okusithekileyo okungayikuhlaluka nokuyisifuba okungayikwaziwa, kube sobala. Ngakho-ke anobheka ukuba nizwa kanjani; ngokuba yilowo nalowo onakho uyakuphiwa; kepha lowo ongenakho uyakwamukwa nalokho athi unakho.”