NgokukaLuka 8:16-18

NgokukaLuka 8:16-18 ZUL59

“Akakho othi esokhela isibani, asimboze ngesitsha nokuba asibeke phansi kombhede, kepha usifaka othini, ukuze abangenayo babone ukukhanya. Ngokuba akukho okusithekileyo okungayikuhlaluka nokuyisifuba okungayikwaziwa, kube sobala. Ngakho-ke anobheka ukuba nizwa kanjani; ngokuba yilowo nalowo onakho uyakuphiwa; kepha lowo ongenakho uyakwamukwa nalokho athi unakho.”

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo