Luka 6:27-49

Luka 6:27-49 CZB24

Kepha ngithi kini enizwayo: Thandani izitha zenu, nenze okuhle kwabalizondayo; Babusiseni abaniqalekisayo, nibakhulekele abaniphatha kabi. Okushaya esihlathini mnike nesinye; nokwephuca ingubo yakho, ungamaleli nengubo yakho. Muphe wonke umuntu ocela kuwe; nokwaphuca impahla yakho, ungabuyi uyicele kuye. Nalokho enithanda ukuba abantu benze kini, yenzani kanjalo nani kubo. Ngokuba uma nithanda abanithandayo, ninakubongwa kuni na? ngoba nezoni zithanda abazithandayo. Uma nenza okuhle kwabanenzela okuhle, ninakubongwa kuni na? ngoba nezoni zenza njalo. Futhi uma nitsheleka enithemba ukwemukela kubo, ninakubongwa kuni na? ngokuba nezoni zitsheleka izoni ukuba zamukele lokho. Kepha thandani izitha zenu, nenze okuhle, nitsheleke ningathembi lutho; umvuzo wenu uyakuba mkhulu, nibe-ngabantwana boPhezukonke, ngokuba yena unomusa kwabangabongiyo nababi. Ngakho yibani-nesihawu, njengalokhu noYihlo enesihawu. Ningahluleli, khona aniyikwahlulelwa; ningalahli, khona aniyikulahlwa; Yiphani, khona niyakuphiwa; isilinganiso esihle, esigxishiwe, esigxishiwe, esichichimayo, bayakuninika esifubeni senu. Ngokuba ngesilinganiso enilinganisa ngaso nani niyakulinganiselwa ngaso. Wasebatshela umfanekiso wokuthi: Isiphofu ingahola impumputhe na? Kabayikuwela emgodini bobabili yini? Umfundi kaphezu komfundisi wakhe, kepha yilowo nalowo opheleleyo uyakuba njengomfundisi wakhe. Ubhekelani ucezwana olusesweni lomfowenu, kanti ugongolo olukwelakho iso awuluboni na? Ungasho kanjani kumfowenu ukuthi: ‘Mfowethu, ake ngikhiphe ucezwana olusesweni lakho,’ wena ungaluboni ugongolo olukwelakho iso, na? Mzenzisi, khipha kuqala ugongolo esweni lakho, khona-ke wobona kahle ukukhipha ucezwana olusesweni lomfowenu. Ngokuba akusimuthi omuhle othela isithelo esibi; futhi kawukho umuthi omubi othela isithelo esihle. Ngokuba yilowo nalowomuthi waziwa ngesithelo sawo. Ngokuba abantu abawakhi amakhiwane emeveni, nababutha izithelo zomvini esihlahleni esihlahleni. Umuntu omuhle emfuyweni enhle yenhliziyo yakhe uveza okuhle; nomuntu omubi emfuyweni embi yenhliziyo yakhe ukhipha okubi, ngokuba umlomo wakhe ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo. Ningibizelani ngokuthi: ‘Nkosi, Nkosi,’ kodwa ningakwenzi engikushoyo na? Loba ngubani oza kimi, ezwe amazwi ami, awenze, ngizalitshengisa ukuthi ufana lobani; Ufana nomuntu owakha indlu, wemba washonisa, wabeka isisekelo phezu kwedwala; Kepha ozwayo, angakwenzi, ufana nomuntu owakha indlu emhlabathini ingenasisekelo; umfula washaya ngamandla, yawa masinyane; futhi ukubhidlika kwaleyondlu kwaba kukhulu.

Funda Luka 6

Verse Images for Luka 6:27-49

Luka 6:27-49 - Kepha ngithi kini enizwayo: Thandani izitha zenu, nenze okuhle kwabalizondayo;
Babusiseni abaniqalekisayo, nibakhulekele abaniphatha kabi.
Okushaya esihlathini mnike nesinye; nokwephuca ingubo yakho, ungamaleli nengubo yakho.
Muphe wonke umuntu ocela kuwe; nokwaphuca impahla yakho, ungabuyi uyicele kuye.
Nalokho enithanda ukuba abantu benze kini, yenzani kanjalo nani kubo.
Ngokuba uma nithanda abanithandayo, ninakubongwa kuni na? ngoba nezoni zithanda abazithandayo.
Uma nenza okuhle kwabanenzela okuhle, ninakubongwa kuni na? ngoba nezoni zenza njalo.
Futhi uma nitsheleka enithemba ukwemukela kubo, ninakubongwa kuni na? ngokuba nezoni zitsheleka izoni ukuba zamukele lokho.
Kepha thandani izitha zenu, nenze okuhle, nitsheleke ningathembi lutho; umvuzo wenu uyakuba mkhulu, nibe-ngabantwana boPhezukonke, ngokuba yena unomusa kwabangabongiyo nababi.
Ngakho yibani-nesihawu, njengalokhu noYihlo enesihawu.
Ningahluleli, khona aniyikwahlulelwa; ningalahli, khona aniyikulahlwa;
Yiphani, khona niyakuphiwa; isilinganiso esihle, esigxishiwe, esigxishiwe, esichichimayo, bayakuninika esifubeni senu. Ngokuba ngesilinganiso enilinganisa ngaso nani niyakulinganiselwa ngaso.
Wasebatshela umfanekiso wokuthi: Isiphofu ingahola impumputhe na? Kabayikuwela emgodini bobabili yini?
Umfundi kaphezu komfundisi wakhe, kepha yilowo nalowo opheleleyo uyakuba njengomfundisi wakhe.
Ubhekelani ucezwana olusesweni lomfowenu, kanti ugongolo olukwelakho iso awuluboni na?
Ungasho kanjani kumfowenu ukuthi: ‘Mfowethu, ake ngikhiphe ucezwana olusesweni lakho,’ wena ungaluboni ugongolo olukwelakho iso, na? Mzenzisi, khipha kuqala ugongolo esweni lakho, khona-ke wobona kahle ukukhipha ucezwana olusesweni lomfowenu.
Ngokuba akusimuthi omuhle othela isithelo esibi; futhi kawukho umuthi omubi othela isithelo esihle.
Ngokuba yilowo nalowomuthi waziwa ngesithelo sawo. Ngokuba abantu abawakhi amakhiwane emeveni, nababutha izithelo zomvini esihlahleni esihlahleni.
Umuntu omuhle emfuyweni enhle yenhliziyo yakhe uveza okuhle; nomuntu omubi emfuyweni embi yenhliziyo yakhe ukhipha okubi, ngokuba umlomo wakhe ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.
Ningibizelani ngokuthi: ‘Nkosi, Nkosi,’ kodwa ningakwenzi engikushoyo na?
Loba ngubani oza kimi, ezwe amazwi ami, awenze, ngizalitshengisa ukuthi ufana lobani;
Ufana nomuntu owakha indlu, wemba washonisa, wabeka isisekelo phezu kwedwala;
Kepha ozwayo, angakwenzi, ufana nomuntu owakha indlu emhlabathini ingenasisekelo; umfula washaya ngamandla, yawa masinyane; futhi ukubhidlika kwaleyondlu kwaba kukhulu.Luka 6:27-49 - Kepha ngithi kini enizwayo: Thandani izitha zenu, nenze okuhle kwabalizondayo;
Babusiseni abaniqalekisayo, nibakhulekele abaniphatha kabi.
Okushaya esihlathini mnike nesinye; nokwephuca ingubo yakho, ungamaleli nengubo yakho.
Muphe wonke umuntu ocela kuwe; nokwaphuca impahla yakho, ungabuyi uyicele kuye.
Nalokho enithanda ukuba abantu benze kini, yenzani kanjalo nani kubo.
Ngokuba uma nithanda abanithandayo, ninakubongwa kuni na? ngoba nezoni zithanda abazithandayo.
Uma nenza okuhle kwabanenzela okuhle, ninakubongwa kuni na? ngoba nezoni zenza njalo.
Futhi uma nitsheleka enithemba ukwemukela kubo, ninakubongwa kuni na? ngokuba nezoni zitsheleka izoni ukuba zamukele lokho.
Kepha thandani izitha zenu, nenze okuhle, nitsheleke ningathembi lutho; umvuzo wenu uyakuba mkhulu, nibe-ngabantwana boPhezukonke, ngokuba yena unomusa kwabangabongiyo nababi.
Ngakho yibani-nesihawu, njengalokhu noYihlo enesihawu.
Ningahluleli, khona aniyikwahlulelwa; ningalahli, khona aniyikulahlwa;
Yiphani, khona niyakuphiwa; isilinganiso esihle, esigxishiwe, esigxishiwe, esichichimayo, bayakuninika esifubeni senu. Ngokuba ngesilinganiso enilinganisa ngaso nani niyakulinganiselwa ngaso.
Wasebatshela umfanekiso wokuthi: Isiphofu ingahola impumputhe na? Kabayikuwela emgodini bobabili yini?
Umfundi kaphezu komfundisi wakhe, kepha yilowo nalowo opheleleyo uyakuba njengomfundisi wakhe.
Ubhekelani ucezwana olusesweni lomfowenu, kanti ugongolo olukwelakho iso awuluboni na?
Ungasho kanjani kumfowenu ukuthi: ‘Mfowethu, ake ngikhiphe ucezwana olusesweni lakho,’ wena ungaluboni ugongolo olukwelakho iso, na? Mzenzisi, khipha kuqala ugongolo esweni lakho, khona-ke wobona kahle ukukhipha ucezwana olusesweni lomfowenu.
Ngokuba akusimuthi omuhle othela isithelo esibi; futhi kawukho umuthi omubi othela isithelo esihle.
Ngokuba yilowo nalowomuthi waziwa ngesithelo sawo. Ngokuba abantu abawakhi amakhiwane emeveni, nababutha izithelo zomvini esihlahleni esihlahleni.
Umuntu omuhle emfuyweni enhle yenhliziyo yakhe uveza okuhle; nomuntu omubi emfuyweni embi yenhliziyo yakhe ukhipha okubi, ngokuba umlomo wakhe ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.
Ningibizelani ngokuthi: ‘Nkosi, Nkosi,’ kodwa ningakwenzi engikushoyo na?
Loba ngubani oza kimi, ezwe amazwi ami, awenze, ngizalitshengisa ukuthi ufana lobani;
Ufana nomuntu owakha indlu, wemba washonisa, wabeka isisekelo phezu kwedwala;
Kepha ozwayo, angakwenzi, ufana nomuntu owakha indlu emhlabathini ingenasisekelo; umfula washaya ngamandla, yawa masinyane; futhi ukubhidlika kwaleyondlu kwaba kukhulu.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo