NgokukaLuka 6:27-49

NgokukaLuka 6:27-49 ZUL20

“Kepha kinina eningilaleleyo, ngithi kini: thandani izitha zenu, nenze okuhle kwabanizondayo, nibabusise abaniqalekisayo, nibakhulekele abanihlukumezayo. Lowo okushaya esihlathini, mnike nesinye, nokwaphuca ingubo, ungamnqabeli nebhantshi. Yilowo nalowo ocela utho kuwe, muphe, nalowo okwephuca okungokwakho, ungakufuni futhi kuye. Lokhu enithanda ukuba abantu bakwenze kini nani kwenzeni kanjalo kubo. “Uma nithanda abanithandayo, niyakutuswa ngani na? Ngokuba nezoni ziyabathanda abazithandayo. Uma nenza okuhle kwabenza okuhle kini, pho niyakubongwa ngani na? Ingani nezoni ziyakwenza khona lokho. Uma nitsheleka labo enithemba ukwemukela kubo, niyakubongwa ngani na? Ingani nezoni ziyazitsheleka izoni, zibuyelwe okungangalokho ezikubolekisile. Kepha thandani izitha zenu, nenze okuhle, nitshelekise ningalindele kubuyiselwa, uma nenze kanjalo uyakuba mkhulu umvuzo wenu, nibe ngabantwana boPhezukonke, ngokuba Yena umnene kwabangabongiyo nababi. Yibani nesihawu, njengalokhu uYihlo enesihawu. “Ningehluleli, khona ningayukwehlulelwa; ningalahli muntu ngecala, khona ningayukulahlwa ngecala; thethelelani, khona niyakuthethelelwa. Yiphani, khona niyakuphiwa; bayakunipha eziqabethweni zenu isilinganiso esihle, esigxishiweyo, sashukuziswa, sagcwala phama, ngokuba ngesilinganiso enilinganisa ngaso, nani niyakulinganiselwa ngaso.” Wabatshela nomzekeliso, wathi: “Impumputhe ingayihola yini enye impumputhe na? Aziyukukhalakathela emgodini zombili na? Umfundi kangaphezulu komfundisi, kepha lowo oqeqeshwe ngokuphelelisiweyo, uyakuba njengomfundisi wakhe. “Ubhekelani uthi olusesweni lomfowenu, ube ungaluboni ugongolo olukwelakho iso na? Ungasho kanjani kumfowenu uthi: ‘Mfowethu, ake ngikhiphe uthi olusesweni lakho,’ ube wena ungaluboni ugongolo olukwelakho iso na? Mzenzisi, khipha kuqala ugongolo olusesweni lakho, khona uzakubonisisa uthi olusesweni lomfowenu ukuze ulukhiphe. “Ngokuba awukho umuthi omuhle othela isithelo esibi, futhi nomuthi omubi awutheli isithelo esihle. Ngokuba yilowo nalowo muthi waziwa ngesithelo sawo. Akukhiwa amakhiwane emeveni, nezithelo zomvini azikhiwa ejikijolweni. Umuntu omuhle uveza okuhle engcebweni yenhliziyo enhle, nomubi uveza okubi engcebweni embi, ngokuba umlomo wakhe ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo. “Ningibizelani nithi: ‘Nkosi, Nkosi,’ nibe ningakwenzi engikushoyo na? Yilowo nalowo oza kimi, ezwe amazwi ami, awenze, ngizakunikhombisa ukuthi ufana nobani. Ufana nomuntu owathi uma akha indlu, wemba wajula, wabeka isisekelo edwaleni. Kwafika izikhukhula, umfula wayishaya leyo ndlu, kepha awukwazanga ukuyinyakazisa, ngokuba yayakhiwe kahle. Kodwa ozwayo angenzi, unjengomuntu owakha indlu emhlabathini ngaphandle kwesisekelo; umfula wayishaya, yawa masinyane; kwaba kukhulu ukudilika kwaleyo ndlu.”

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo