Luka 4:31-44

Luka 4:31-44 CZB24

Wehlela eKapernawume umuzi waseGalile, wabafundisa ngesabatha. Bamangala ngokufundisa kwakhe, ngokuba izwi lakhe lalinamandla. Kwakukhona esinagogeni umuntu onomoya wedemoni elingcolileyo, wamemeza ngezwi elikhulu. Esithi: Ake siyeke; Sinamsebenzi muni nawe Jesu waseNazaretha? Uze ukusibhubhisa na? Ngiyakwazi ukuthi ungubani; oNgcwele kaNkulunkulu. UJesu wamkhuza wathi: Thula, uphume kuye. Idemoni selimjikijele phakathi, laphuma kuye, alimlimazanga. Basebemangala bonke, bakhulumisana besithi: Lilizwi lini leli? ngokuba ngegunya nangamandla uyala omoya abangcolileyo, baphume. Udumo lwakhe lwaphumela kuzo zonke izindawo zangakhona. Wayesesuka esinagogeni, wangena endlini kaSimoni. Umkhwekazi kaSimoni wayenomkhuhlane omkhulu; bamncenga. Wema phezu kwakhe, wawukhuza umkhuhlane; wamyeka; wavuka masinyane, wabakhonza. Kwathi selishona ilanga, bonke ababe nabagulayo izifo ngezifo babaletha kuye; wabeka izandla phezu kwabo bonke, wabaphulukisa. Kwaphuma namademoni kwabaningi, ememeza ethi: “Wena unguKristu iNdodana kaNkulunkulu. Wasezikhuza kazange azivumele ukuthi zikhulume, ngoba zazimazi ukuthi unguKristu. Kwathi sekusile, wamuka, waya endaweni eyihlane; Wathi kubo: “Ngimelwe ukushumayela umbuso kaNkulunkulu nakweminye imizi, ngokuba ngithunyelwe lokho. Wayeseshumayela emasinagogeni aseGalile.

Funda Luka 4