NgokukaLuka 4:31-44

NgokukaLuka 4:31-44 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Wehlela eKhaphernawume, umuzi iGalile. Wayebafundisa abantu kulusuku lwesabatha. Bamangala ngokufundisa kwakhe, ngokuba izwi lakhe lalinegunya. Kwakukhona esinagogeni umuntu onomoya wedimoni elingcolileyo, wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Habe, ufunani nje kithi Jesu waseNazaretha? Uze ukuzosibhubhisa yini na? Ngiyakwazi ukuthi ungubani: ungoNgcwele kaNkulunkulu.” UJesu wamkhuza, wathi: “Thula, uphume kuye!” Idimoni lamqumba phansi phambi kwabo, laphuma kuye lingamlimazanga. Bonke bafikelwa ngukwesaba, bakhuluma bodwa, bathi: “Lizwi lini leli, ngokuba ukhuluma ngegunya namandla, ukhuza imimoya engcolileyo, iphume na?” Udumo lwakhe lwasabalala kuzo zonke lezo zindawo. Waphuma esinagogeni, wangena endlini kaSimoni. Kepha umkhwekazi kaSimoni wayebanjwe ngumkhuhlane onzima; bamnxusa uJesu ukuba amsize. UJesu wamengama, wawukhuza umkhuhlane, waphela. Wasuka ngokushesha wabakhonza. Kwathi selishona ilanga, baletha kuye bonke abagulayo nababekhwelwe yizifo ezehlukene; wabeka izandla phezu kwabo ngamunye, wabaphilisa. Kwaphuma amadimoni kwabaningi, ememeza ethi: “Wena uyiNdodana kaNkulunkulu.” Kepha wawakhuza, kawavumelanga ukuba akhulume, ngokuba ayemazi ukuthi unguKhristu. Kuthe sekusile, wathi shelele, waya endaweni eyihlane. Izixuku zamfuna, zaze zamthola, zazama ukumvimba ukuba angamuki kuzo. Kepha wathi kuzo: “Kufanele ukuba ngishumayele ivangeli lombuso kaNkulunkulu nakweminye imizi, ngokuba ngathunyelelwa lokhu.” Waqhubeka eshumayela emasinagogeni eJudiya.

NgokukaLuka 4:31-44 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Wehlela eKapernawume umuzi waseGalile. Wayebafundisa ngosuku lwesabatha. Bamangala ngokufundisa kwakhe, ngokuba izwi lakhe lalinamandla. Kwakukhona esinagogeni* umuntu onomoya wedemoni elingcolileyo, wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Hhiya! Sinamsebenzi muni nawe Jesu waseNazaretha? Uze ukusibhubhisa na? Ngiyakwazi ukuba ungubani: ungoNgcwele kaNkulunkulu.” UJesu wamkhuza wathi: “Thula, uphume kuye!” Idemoni lamphonsa phansi phakathi kwabo, laphuma kuye lingamlimazanga. Behlelwa ngukwesaba bonke, bakhuluma bodwa, bathi: “Yizwi lini leli lokuba ayale omoya abangcolileyo ngegunya nangamandla, baphume?” Kwanda udumo ngaye kuzo zonke izindawo zangakhona. Wasuka esinagogeni,* wangena endlini kaSimoni. Kepha umkhwekazi kaSimoni wayebanjwe ngumkhuhlane omkhulu; bamnxusa ngaye. Wamengama, wakhuza umkhuhlane; wona wamyeka; wasuka masinyane, wabakhonza. Ukushona kwelanga bonke ababe nabagulayo izifo ngezifo babaletha kuye; ebeka izandla phezu kwabo ngabanye wabaphulukisa. Kwaphuma namademoni kwabaningi ememeza ethi: “Wena uyiNdodana kaNkulunkulu.” Kepha wawakhuza, kawavumelanga ukuba akhulume, ngokuba ayemazi ukuthi unguKristu. Sekusile, waphuma waya endaweni eyihlane; izixuku zamfuna, zaze zafika kuye impela, zambamba ukuba angamuki kuzo. Kepha wathi kuzo: “Nakweminye imizi ngimelwe ukushumayela ivangeli lombuso kaNkulunkulu, ngokuba ngithunyelwe lokho.” Washumayela emasinagogeni* aseGalile.