NgokukaLuka 4:31-44

NgokukaLuka 4:31-44 ZUL59

Wehlela eKapernawume umuzi waseGalile. Wayebafundisa ngosuku lwesabatha. Bamangala ngokufundisa kwakhe, ngokuba izwi lakhe lalinamandla. Kwakukhona esinagogeni* umuntu onomoya wedemoni elingcolileyo, wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Hhiya! Sinamsebenzi muni nawe Jesu waseNazaretha? Uze ukusibhubhisa na? Ngiyakwazi ukuba ungubani: ungoNgcwele kaNkulunkulu.” UJesu wamkhuza wathi: “Thula, uphume kuye!” Idemoni lamphonsa phansi phakathi kwabo, laphuma kuye lingamlimazanga. Behlelwa ngukwesaba bonke, bakhuluma bodwa, bathi: “Yizwi lini leli lokuba ayale omoya abangcolileyo ngegunya nangamandla, baphume?” Kwanda udumo ngaye kuzo zonke izindawo zangakhona. Wasuka esinagogeni,* wangena endlini kaSimoni. Kepha umkhwekazi kaSimoni wayebanjwe ngumkhuhlane omkhulu; bamnxusa ngaye. Wamengama, wakhuza umkhuhlane; wona wamyeka; wasuka masinyane, wabakhonza. Ukushona kwelanga bonke ababe nabagulayo izifo ngezifo babaletha kuye; ebeka izandla phezu kwabo ngabanye wabaphulukisa. Kwaphuma namademoni kwabaningi ememeza ethi: “Wena uyiNdodana kaNkulunkulu.” Kepha wawakhuza, kawavumelanga ukuba akhulume, ngokuba ayemazi ukuthi unguKristu. Sekusile, waphuma waya endaweni eyihlane; izixuku zamfuna, zaze zafika kuye impela, zambamba ukuba angamuki kuzo. Kepha wathi kuzo: “Nakweminye imizi ngimelwe ukushumayela ivangeli lombuso kaNkulunkulu, ngokuba ngithunyelwe lokho.” Washumayela emasinagogeni* aseGalile.