Luka 4:14-30

Luka 4:14-30 CZB24

UJesu wabuyela eGalile ngamandla kaMoya; udumo lwakhe lwanda kuso sonke leso sikhathi. Wafundisa emasinagogeni abo, edunyiswa yibo bonke. Wafika eNazaretha, lapho akhulele khona; njengokwenza kwakhe wangena esinagogeni ngosuku lwesabatha, wasukuma ukuba afunde. Wanikwa incwadi ka-Isaya umprofethi. Eseyivula incwadi, wafumana indawo okulotshwe kuyo ukuthi. UMoya weNkosi uphezu kwami, ngokuba ingigcobile ukuba ngishumayele ivangeli kwabampofu; ingithumile ukuba ngiphulukise abadabukileyo, ngishumayele ukukhululwa kwabathunjwa, nokubona kwabayizimpumputhe, ngikhulule abachotshoziweyo; ukutshumayela umnyaka omuhle weNkosi. Wayigoqa incwadi, wayibuyisela encekwini, wahlala phansi. Amehlo abo bonke ababesesinagogeni ayethe njo kuye. Waseqala ukuthi kubo: Lamuhla lumbhalo ugcwalisekile ezindlebeni zenu. Bonke bafakaza ngaye, bamangala ngamazwi omusa aphuma emlonyeni wakhe. Basebesithi: Lo kayisiyo indodana kaJosefa yini? Wathi kubo: “Niyakusho kimi lesi saga sokuthi: ‘Nyanga, zelaphe wena;’ Wasesithi: Ngiqinisile ngithi kini: Kakho umprofethi owamukelwa elizweni lakibo. Kepha ngiqinisile ngithi kini: Kwakukhona kwa-Israyeli abafelokazi abaningi emihleni ka-Eliya, lapho izulu lalivaliwe iminyaka emithathu nezinyanga eziyisithupha, kwaba khona indlala enkulu ezweni lonke; Kepha u-Eliya akathunyelwanga nakoyedwa kubo, kuphela eSarepta yaseSidoni kowesifazane ongumfelokazi. Kwakukhona abanochoko abaningi kwa-Israyeli ngesikhathi sika-Elisha umprofethi; kepha akuhlanjululwanga namunye kubo, kuphela uNahamani umAramu. Bonke ababesesinagogeni bekuzwa lokho bagcwala ulaka. Base besukuma, bamkhiphela ngaphandle komuzi, bamqhubela phezu kwentaba umuzi wabo owakhiwe phezu kwayo, ukuze bamjikijele phansi. Kodwa yena edabula phakathi kwabo wahamba.

Funda Luka 4