NgokukaLuka 4:14-30

NgokukaLuka 4:14-30 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

UJesu wabuyela eGalile ngamandla kaMoya; udumo lwakhe lwanda kuso sonke leso sikhathi. Wafundisa emasinagogeni abo, edunyiswa yibo bonke. Wafika eNazaretha, lapho akhulele khona; njengokwenza kwakhe wangena esinagogeni ngosuku lwesabatha, wasukuma ukuba afunde. Wanikwa incwadi ka-Isaya umprofethi. Eseyivula incwadi, wafumana indawo okulotshwe kuyo ukuthi. UMoya weNkosi uphezu kwami, ngokuba ingigcobile ukuba ngishumayele ivangeli kwabampofu; ingithumile ukuba ngiphulukise abadabukileyo, ngishumayele ukukhululwa kwabathunjwa, nokubona kwabayizimpumputhe, ngikhulule abachotshoziweyo; ukutshumayela umnyaka omuhle weNkosi. Wayigoqa incwadi, wayibuyisela encekwini, wahlala phansi. Amehlo abo bonke ababesesinagogeni ayethe njo kuye. Waseqala ukuthi kubo: Lamuhla lumbhalo ugcwalisekile ezindlebeni zenu. Bonke bafakaza ngaye, bamangala ngamazwi omusa aphuma emlonyeni wakhe. Basebesithi: Lo kayisiyo indodana kaJosefa yini? Wathi kubo: “Niyakusho kimi lesi saga sokuthi: ‘Nyanga, zelaphe wena;’ Wasesithi: Ngiqinisile ngithi kini: Kakho umprofethi owamukelwa elizweni lakibo. Kepha ngiqinisile ngithi kini: Kwakukhona kwa-Israyeli abafelokazi abaningi emihleni ka-Eliya, lapho izulu lalivaliwe iminyaka emithathu nezinyanga eziyisithupha, kwaba khona indlala enkulu ezweni lonke; Kepha u-Eliya akathunyelwanga nakoyedwa kubo, kuphela eSarepta yaseSidoni kowesifazane ongumfelokazi. Kwakukhona abanochoko abaningi kwa-Israyeli ngesikhathi sika-Elisha umprofethi; kepha akuhlanjululwanga namunye kubo, kuphela uNahamani umAramu. Bonke ababesesinagogeni bekuzwa lokho bagcwala ulaka. Base besukuma, bamkhiphela ngaphandle komuzi, bamqhubela phezu kwentaba umuzi wabo owakhiwe phezu kwayo, ukuze bamjikijele phansi. Kodwa yena edabula phakathi kwabo wahamba.

NgokukaLuka 4:14-30 IsiZulu 2020 (ZUL20)

UJesu wabuyela eGalile ngamandla kaMoya. Udumo lwakhe lwasabalala kulo lonke lelo lizwe. Wayefundisa emasinagogeni abo, edunyiswa yibo bonke. Wafika eNazaretha lapho akhulela khona, wangena esinagogeni ngosuku lwesabatha njengalokhu ayevame ukwenza kanjalo, wasukuma ukuba afunde. Wanikwa umqulu ka-Izaya, umphrofethi, wawuvula, wafumana indawo okulotshwe kuyo kwathiwa: “UMoya weNkosi uphezu kwami, ngokuba ingigcobile ukuba ngishumayele ivangeli kwabampofu; ingithumele ukumemezela ukukhululwa kwabathunjiweyo, ukuvula amehlo ezimpumputhe, ukuhlenga abacindezelweyo, nokumemezela unyaka omuhle weNkosi.” Wawugoqa umqulu, wawunika isikhonzi, wahlala; amehlo wonke ababesesinagogeni amgqolozela. Waqala ukukhuluma kubo, ethi: “Namhlanje ugcwalisekile lo mbhalo njengoba nizwa ngezenu izindlebe.” Bonke bakhuluma kahle ngaye, bemangaliswa ngamazwi omusa aphuma emlonyeni wakhe, bathi: “Kanti lo akasiyo yini indodana kaJosefa na?” Wathi kubo: “Impela niyakusisho kimi lesi saga, nithi: ‘Nyanga, zelaphe wena. Lokhu esizwa ukuthi ukwenzile eKhaphernawume, kwenze phela nalapha ezweni lakini.’ ” Wathi-ke: “Ngiqinisile ngithi kini: akukho mphrofethi owemukelekayo ezweni lakubo. Kepha impela ngithi kini: ngezinsuku zika-Eliya kwakukhona abafelokazi abaningi kwa-Israyeli; izulu lomisile iminyaka emithathu nezinyanga eziyisithupha; kwaba khona indlala enkulu ezweni lonke. Kepha u-Eliya akathunyelwanga nakoyedwa wabo, kuphela kowesifazane ongumfelokazi, eZarephitha eSidoni. Kwakukhona abaningi ababenochoko kwa-Israyeli ngesikhathi sika-Elisha, umphrofethi, kodwa akukho namunye kubo owahlanjululwa, kuphela uNayimani, umSiriya.” Bonke ababesesinagogeni bagcwala intukuthelo enkulu lapho bekuzwa lokho. Basukuma, bamxosha emzini, bamqhubela esiweni esasisentabeni umuzi wabo owawakhiwe phezu kwayo, ukuze bamkhalakathelise kuso. Kepha Yena wadabula phakathi kwabo wahamba.

NgokukaLuka 4:14-30 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

UJesu wabuyela eGalile ngamandla kaMoya; udumo lwakhe lwanda kulo lonke izwe langakhona. Wafundisa emasinagogeni* abo edunyiswa yibo bonke. Wafika eNazaretha, lapho wayondliwa khona, wangena esinagogeni* ngosuku lwesabatha njengokwenza kwakhe, wasukumela ukufunda. Wanikwa incwadi ka-Isaya umprofethi, wayivula incwadi, wafumana indawo okulotshwe kuyo ukuthi: “UMoya weNkosi uphezu kwami, ngokuba ingigcobile ukuba ngishumayele ivangeli kwabampofu, ingithumele ukumemezela ukukhululwa kwabathunjiweyo, nokubona kwabayizimpumputhe, nokuhlenga abacindezelweyo, nokumemezela umnyaka omuhle weNkosi.” Wayigoqonga incwadi, wayinika isikhonzi, wahlala; amehlo abo bonke ababesesinagogeni* amgqolozela. Waqala ukukhuluma kubo, ethi: “Namhlanje ugcwalisekile lo mbhalo ezindlebeni zenu.” Bonke bamfakazela bemangala ngamazwi omusa aphuma emlonyeni wakhe, bathi: “Lo akasiyo indodana kaJosefa na?” Wathi kubo: “Nempela niyakusho kimi lesi saga sokuthi: ‘Nyanga, zelaphe wena.’ Lokho esikuzwile kwenziwa eKapernawume, kwenze nalapha ezweni lakini.” Wathi-ke: “Ngiqinisile ngithi kini: Akukho mprofethi owamukelwa ezweni lakubo. Kepha ngempela ngithi kini: Kwakukhona kwa-Israyeli abafelokazi abaningi emihleni ka-Eliya, lapho izulu lalivalekile iminyaka emithathu nezinyanga eziyisithupha, kwaba khona indlala enkulu ezweni lonke; kepha u-Eliya kathunyelwanga nakoyedwa kubona, kuphela eSarepita laseSidoni kowesifazane ongumfelokazi. Kwakukhona futhi kwa-Israyeli abanochoko abaningi ngesikhathi sika-Elisha umprofethi; kepha akuhlanjululwanga namunye kubo, kuphela uNayimani umSiriya.” Bonke ababesesinagogeni* bagcwala ulaka bekuzwa lokho. Basukuma, bamxosha emzini, bamqhubela ekwengameni kwentaba umuzi wabo owakhiwe phezu kwayo, ukuze bamkhalakathelisele phansi. Kepha yena edabula phakathi kwabo wamuka.

NgokukaLuka 4:14-30 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)