NgokukaLuka 4:14-30

NgokukaLuka 4:14-30 ZUL59

UJesu wabuyela eGalile ngamandla kaMoya; udumo lwakhe lwanda kulo lonke izwe langakhona. Wafundisa emasinagogeni* abo edunyiswa yibo bonke. Wafika eNazaretha, lapho wayondliwa khona, wangena esinagogeni* ngosuku lwesabatha njengokwenza kwakhe, wasukumela ukufunda. Wanikwa incwadi ka-Isaya umprofethi, wayivula incwadi, wafumana indawo okulotshwe kuyo ukuthi: “UMoya weNkosi uphezu kwami, ngokuba ingigcobile ukuba ngishumayele ivangeli kwabampofu, ingithumele ukumemezela ukukhululwa kwabathunjiweyo, nokubona kwabayizimpumputhe, nokuhlenga abacindezelweyo, nokumemezela umnyaka omuhle weNkosi.” Wayigoqonga incwadi, wayinika isikhonzi, wahlala; amehlo abo bonke ababesesinagogeni* amgqolozela. Waqala ukukhuluma kubo, ethi: “Namhlanje ugcwalisekile lo mbhalo ezindlebeni zenu.” Bonke bamfakazela bemangala ngamazwi omusa aphuma emlonyeni wakhe, bathi: “Lo akasiyo indodana kaJosefa na?” Wathi kubo: “Nempela niyakusho kimi lesi saga sokuthi: ‘Nyanga, zelaphe wena.’ Lokho esikuzwile kwenziwa eKapernawume, kwenze nalapha ezweni lakini.” Wathi-ke: “Ngiqinisile ngithi kini: Akukho mprofethi owamukelwa ezweni lakubo. Kepha ngempela ngithi kini: Kwakukhona kwa-Israyeli abafelokazi abaningi emihleni ka-Eliya, lapho izulu lalivalekile iminyaka emithathu nezinyanga eziyisithupha, kwaba khona indlala enkulu ezweni lonke; kepha u-Eliya kathunyelwanga nakoyedwa kubona, kuphela eSarepita laseSidoni kowesifazane ongumfelokazi. Kwakukhona futhi kwa-Israyeli abanochoko abaningi ngesikhathi sika-Elisha umprofethi; kepha akuhlanjululwanga namunye kubo, kuphela uNayimani umSiriya.” Bonke ababesesinagogeni* bagcwala ulaka bekuzwa lokho. Basukuma, bamxosha emzini, bamqhubela ekwengameni kwentaba umuzi wabo owakhiwe phezu kwayo, ukuze bamkhalakathelisele phansi. Kepha yena edabula phakathi kwabo wamuka.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaLuka 4:14-30