Luka 22:47-53

Luka 22:47-53 CZB24

Esakhuluma, bheka, isixuku, naye othiwa uJuda, omunye wabayishumi nambili, wayehamba phambi kwabo, wasondela kuJesu ukumanga. Kodwa uJesu wathi kuye: Judasi, uthengisa iNdodana yomuntu ngokuyanga? Labo ababemphahlile bebona okuzakwenzeka, bathi kuye: Nkosi, sigadle ngenkemba yini? Omunye wabo wayigawula inceku yompristi omkhulu, wayinquma indlebe yokunene. UJesu waphendula wathi: “Musani; Wathinta indlebe yakhe, wamphulukisa. UJesu wayesethi kubapristi abakhulu nezinduna zethempeli namalunga ababeze kuye: “Niphume niphethe izinkemba nezinduku kungathi nize kumphangi na? Benginani imihla ngemihla ethempelini, anelulanga izandla kimi, kepha lesi kuyisikhathi senu, namandla obumnyama.

Funda Luka 22