Esakhuluma, kwatheleka isixuku siholwa nguJuda, omunye wabali-12, wasondela kuJesu ukuba amange. Kepha uJesu wathi kuye: “Juda, uyayikhaphela iNdodana yomuntu ngokuyanga na?” Sebebonile ababenoJesu okuzakwenzeka, bathi: “Nkosi, sigadle yini ngenkemba na?” Omunye othile kubo wagalela inceku yomphristi omkhulu, wayinquma indlebe yakwesokunene. Kepha uJesu waphendula wathi: “Yekani; sekwanele!” Wayithinta indlebe yayo, wayelapha. Wathi uJesu kubaphristi abakhulu, ezinduneni zethempeli, nakumalunga ababeze kuye ukuzombopha: “Niphume niphethe izinkemba nezagila sengathi nize kumphangi na? Benginani imihla ngemihla ethempelini, anelulanga zandla ukuba nimelane nami, kepha manje yithuba lenu leli, namandla obumnyama.”
Funda NgokukaLuka 22
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaLuka 22:47-53
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo