NgokukaLuka 22:47-53
NgokukaLuka 22:47-53 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Esakhuluma, bheka, isixuku, naye othiwa uJuda, omunye wabayishumi nambili, wayehamba phambi kwabo, wasondela kuJesu ukumanga. Kodwa uJesu wathi kuye: Judasi, uthengisa iNdodana yomuntu ngokuyanga? Labo ababemphahlile bebona okuzakwenzeka, bathi kuye: Nkosi, sigadle ngenkemba yini? Omunye wabo wayigawula inceku yompristi omkhulu, wayinquma indlebe yokunene. UJesu waphendula wathi: “Musani; Wathinta indlebe yakhe, wamphulukisa. UJesu wayesethi kubapristi abakhulu nezinduna zethempeli namalunga ababeze kuye: “Niphume niphethe izinkemba nezinduku kungathi nize kumphangi na? Benginani imihla ngemihla ethempelini, anelulanga izandla kimi, kepha lesi kuyisikhathi senu, namandla obumnyama.
NgokukaLuka 22:47-53 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Esakhuluma, kwatheleka isixuku siholwa nguJuda, omunye wabali-12, wasondela kuJesu ukuba amange. Kepha uJesu wathi kuye: “Juda, uyayikhaphela iNdodana yomuntu ngokuyanga na?” Sebebonile ababenoJesu okuzakwenzeka, bathi: “Nkosi, sigadle yini ngenkemba na?” Omunye othile kubo wagalela inceku yomphristi omkhulu, wayinquma indlebe yakwesokunene. Kepha uJesu waphendula wathi: “Yekani; sekwanele!” Wayithinta indlebe yayo, wayelapha. Wathi uJesu kubaphristi abakhulu, ezinduneni zethempeli, nakumalunga ababeze kuye ukuzombopha: “Niphume niphethe izinkemba nezagila sengathi nize kumphangi na? Benginani imihla ngemihla ethempelini, anelulanga zandla ukuba nimelane nami, kepha manje yithuba lenu leli, namandla obumnyama.”
NgokukaLuka 22:47-53 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Esakhuluma, bheka, kwafika isixuku; naye othiwa uJuda, omunye wabayishumi nambili, wayehamba phambi kwabo, wasondela kuJesu ukumanga. Kepha uJesu wathi kuye: “Juda, uyayikhaphela iNdodana yomuntu ngokuyanga na?” Kuthe ababengakuye sebebona okuzakwenzeka, bathi: “Nkosi, sigadle ngenkemba na?” Omunye othile kubo wayigadla inceku yompristi omkhulu, wayinquma indlebe yokunene. Kepha uJesu wathatha wathi: “Musani; sekwanele.” Wayiphatha indlebe, wayipholisa. Wathi uJesu kubapristi abakhulu, nezinduna zethempeli, namalunga ababeze kuye: “Niphumile kungathi nize kumphangi niphethe izinkemba nezinduku. Benginani imihla ngemihla ethempelini, anelulanga zandla kimi; kepha lokhu kuyihora lenu namandla obumnyama.”
NgokukaLuka 22:47-53 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)