Kuyakuba khona izibonakaliso elangeni nasenyangeni nasezinkanyezini; nasemhlabeni usizi lwezizwe, zididekile; kuhlokoma ulwandle namagagasi; Izinhliziyo zabantu ziphela amandla ngokwesaba nangokubheka izinto ezizayo emhlabeni, ngokuba amandla ezulu ayakuzanyazanyiswa. Khona-ke bayakubona iNdodana yomuntu iza ngeyezi inamandla nenkazimulo enkulu. Nxa lezi zinto seziqala ukwenzeka, sukumani niphakamise amakhanda enu; ngoba ukukhululwa kwenu sekusondele. Wasebatshela umfanekiso; Bhekani umkhiwane nemithi yonke; nxa isihluma, niyabona, nazi ngokwenu ukuthi ihlobo seliseduze. Kanjalo nani, nxa nibona lezizinto zenzeka, yazini ukuthi umbuso kaNkulunkulu useduze. Ngiqinisile ngithi kini: Lesi sizukulwane asiyikudlula, kungakenzeki konke. Kuyakudlula izulu nomhlaba, kepha amazwi ami awasoze adlula. Ziqapheleni nina, funa izinhliziyo zenu zisindwe ukuminza, nokudakwa, nezinkathazo zalokhu kuphila, lunifike lolo suku kungazelelwe. Ngokuba njengogibe liyakufika phezu kwabo bonke abahlezi ebusweni bomhlaba wonke. Ngakho lindani njalo, likhuleke, ukuze kuthiwe lifanele ukuphunyuka kuzo zonke lezizinto eziyakwenzeka, lokuma phambi kweNdodana yomuntu. Emini wayefundisa ethempelini; ebusuku waphuma wayahlala entabeni ethiwa iNtaba Yeminqumo. Bonke abantu babesiza kuye ekuseni kakhulu ethempelini ukuba bamzwe.
Funda Luka 21
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Luka 21:25-38
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo